Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:8 - IsiZulu 2020

8 Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Bakhetha onkulunkulu abasha; lapho kwafika impi emasangweni; kwabonwa isihlangu noma umkhonto yini phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Bakhetha onkulunkulu abasha; kwaba khona impi emasangweni; Kwakukhona isihlangu noma umkhonto phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli na?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:8
8 Referans Kwoze  

Nokho ababalalelanga abehluleli babo, ngokuba baphinga nabanye onkulunkulu, babakhothamela. Ngokushesha bachezuka endleleni abahamba kuyo oyisemkhulu, ababelalela imiyalo kaSimakade, abazange basilandele isibonelo sabo.


bamshiya uSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, owabakhipha eGibhithe, balandela abanye onkulunkulu, onkulunkulu babantu ababebazungezile, babakhothamela, baluchukuluza ulaka luSimakade.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


Imizi yakwa-Israyeli yama ingenamuntu, Debhora, kwaze kwafika wena, wafika njengonina ku-Israyeli.


Lalelani umsindo wabaculi besemithonjeni yamanzi, lapho bephinda ukunqoba kuka-Simakade, ukunqoba kwezihlupheki kwa-Israyeli. Abantu bakaSimakade behlela emasangweni.


Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite