Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:2 - IsiZulu 2020

2 “Uma abaholi bakwa-Israyeli behamba phambili, nabantu bazinikela ngokukhululeka, makadunyiswe uSimakade!

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 “Ngokuba abaholi beholile kwa-Israyeli, ngokuba abantu bezinikela ngenhliziyo, bongani uJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Dumisani uJehova ngokuphindisela kuka-Israyeli lapho abantu bezidela ngokuzithandela.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:2
23 Referans Kwoze  

Inhliziyo yami ikubaholi bakwa-Israyeli abazinikele phakathi kwabantu. Dumisani uSimakade!


Abantu bakho bayokuza kuwe, behlobe ngemvunulo engcwele, bayovela njengombethe entathakusa.


Wayelandelwa ngu-Amasiya, indodana kaZikhiri, owazinikela ngenhliziyo epheleleyo kuSimakade, enamaqhawe anamandla ayizi-200 000.


Ngokuba uNkulunkulu nguye osebenza kini ukuba nithande, futhi nenze ngokwentando yakhe.


ngokuba ziqotho, futhi zilungile izehlulelo zakhe, ngokuba usehlulele isifebe esikhulu esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindiselele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.”


Thokoza ngawo wena zulu, nani bangcwele, nani baphostoli, nani baphrofethi, ngokuba uNkulunkulu uwahlulele, waniphindiselela kuwo.’ ”


Kepha angithandanga ukwenza utho ngaphandle kwemvume yakho, ukuze okuhle okwenzayo kungabi ngokuphoqwa, kodwa kube ngokuthanda kwakho.


Ngakho-ke yilowo nalowo makanikele njengalokhu enqumile enhliziyweni, kungabi ngokudabuka noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikela ethokoza.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuthanda kwami, nginomvuzo, kodwa uma kungesikho ukuthanda kwami, khona kungumsebenzi engiwuphathisiweyo.


owachitha uFaro nempi yakhe oLwandle Lomhlanga, ngokuba umusa wakhe umi phakade;


IZiyoni liyezwa, futhi lithokozile, namadodakazi akwaJuda ayethaba, ngenxa yezehlulelo zakho, Simakade,


Nkulunkulu ophindiselelayo, Simakade, Nkulunkulu ophindiselelayo, vela ukhanye.


Intaba iZiyoni mayithokoze, kwethabe amadodakazi akwaJuda, ngenxa yezehlulelo zakho.


UNkulunkulu owangiphindiselela, wenza izizwe zakhonza phansi kwami.


Abantu babusisa bonke abantu abazinikela ukuhlala eJerusalema.


Memezani ngokuthokoza bantu bakhe, nina zizwe, ngokuba uyakuliphindiselela igazi lezinceku zakhe, aziphindiselele kwabamelene naye, ahlambulule izwe lakhe nabantu bakhe.”


Wazikhethela isabelo sekhethelo, ngokuba sasigodlwe lapho isabelo somehluleli; wahamba nabaholi babantu, wafeza ubulungiswa bukaSimakade nezehlulelo zakhe ngo-Israyeli.’


Mbonge uSimakade, mphefumulo wami, ungaze wakhohlwa yimisebenzi yakhe yonke yomusa,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite