Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:18 - IsiZulu 2020

18 UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 UZebuloni wayengabantu abazidela kwaze kwaba sekufeni, uNafetali kanjalo ezindaweni eziphakemeyo zezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 UZebuloni noNafetali babengabantu abadela ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni ezindaweni eziphakeme zezwe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:18
11 Referans Kwoze  

UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.


Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


Uthando silwazi ngalokhu ukuthi Yena wakudela ukuphila kwakhe ngenxa yethu. Kanjalo nathi sifanele ukudela ukuphila kwethu ngenxa yabazalwane.


Kepha ukuphila kwami ngikushaya indiva ukuze kungabi yigugu kimi; okubalulekile ukuba ngiluphothule uhambo lwami nomsebenzi engawunikwa yiNkosi uJesu ukuba ngifakaze ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.


“Hamba uqoqe bonke abaJuda abahlala eShushani; nizile ngenxa yami, ningadli, ningaphuzi kuze kuphele izinsuku ezintathu, imini nobusuku. Mina nezintombi ezingisebenzelayo sizozila njengani; ngiyobe sengiya-ke enkosini noma kungukwephula umthetho lokho. Uma ngibhubha, mangibhubhe.”


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


Wathuma izigijimi kulo lonke elakwaManase, nabo babuthana, bamlandela. Wabuye wathuma ezinye izigijimi kwa-Asheri, kwaZebuloni nakwaNafethali, bakhuphuka ukuyohlangana nabo.


Nango uBhenjamini ongomncinyane kubo bonke, uyababusa, izikhulu zakwaJuda zingumzimba, nezikhulu zakwaZebuloni nezakwaNafethali.


Amadodana kaLeya kwakunguRubeni, izibulo likaJakobe, kulandele uSimeyoni, uLevi, uJuda, u-Isakhare noZabuloni.


Amadodana kaBhiliha incekukazi kaRaheli kwakunguDani noNafethali.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite