Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 5:16 - IsiZulu 2020

16 Wahlalelani esihulugwini ukuze uzwe ukukhala kwemihlambi na? Phakathi kwabomndeni wakwaRubeni kwakukhona okukhulu ukuzihlola ezinhliziyweni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Wahlalelani ezibayeni zezimvu ukuzwa ikhwelo lemihlambi na? Ngaseminonjaneni yakwaRubeni kwakukhona ukululekana okukhulu kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Nihlalelani phakathi kwezibaya ukuze nizwe ukukhala komhlambi na? Ezigabeni zakwaRubeni kwakukhona ukuhlola okukhulu kwenhliziyo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 5:16
11 Referans Kwoze  

Zakheleni nina nezingane zenu imizi, nakhele nezimvu zenu izibaya, nenze lokho ebenikushilo.”


Isiphetho sabo ngukubhujiswa; abankulunkulu wabo yizisu zabo, nodumo lwabo lungukwenza ihlazo; bacabanga ngezinto zomhlaba kuphela.


Bonke bazifunela okwabo, abafuni okukaJesu Khristu.


Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu, ngizindla enhliziyweni yami, nomoya wami uyahlolisisa.


Thukuthelani, kodwa ningoni; zindlani enhliziyweni yenu, embhedeni wenu, nithule. Sela


Izikhulu zakwa-Isakhare zeza noDebhora, no-Isakhare wethembeka kuBharaki; baphuthuma esigodini besezithendeni zakhe. Phakathi kwabomndeni kaRubeni kwaba nokuzihlola okukhulu ezinhliziyweni.


“U-Isakhari uyimbongolo enamandla, elala phakathi kwezibaya.


noma belala ezibuyeni, kunjengamaphiko ejuba ambozwe ngesiliva, izimpaphe zamaphiko alo zahuqwa ngegolide elikhazimulayo.


UMose wathi kwabozalo lukaGadi nabolukaRubeni: “Kuyothi lapho abafowenu beyohlasela, nina nihlale lapha na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite