Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:7 - IsiZulu 2020

7 Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Ngiyakusondeza kuwe emfudlaneni iKishoni uSisera induna yempi kaJabini, nezinqola zakhe, nesixuku sakhe, ngimnikele esandleni sakho.’ ”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Ngiyakudonsela kuwe uSisera induna yempi kaJabini nezinqola zakhe nesixuku sakhe emfuleni iKishoni; ngiyakumnikela esandleni sakho.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:7
17 Referans Kwoze  

U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


Umfudlana iKhishoni wabakhukhula, umfudlana odla izindwani, umfudlana iKhishoni. Nyathela, mphefumulo wami, nyathela ngamandla.


Namuhla ukuveze obala ukuthi ungenzele okuhle kanjani, ngokuba uSimakade unginikele esandleni sakho, kodwa wena awungibulalanga.


Uyabona-ke, namuhla uzibonele ngawakho amehlo ukuthi uSimakade ubekunikele esandleni sami emgedeni. Abanye bathe mangikubulale, kepha ngakuhawukela, ngathi: ‘Angisoze ngiyibulale inkosi yami, ngokuba ingogcotshiweyo kaSimakade.’


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


niyakuvuka niwuthelekele umuzi, niwudle, ngokuba uSimakade uNkulunkulu wenu uzowunikela ezandleni zenu.


Kepha uma kube yingozi engakusophile, kunguNkulunkulu omnikele esandleni sakhe, ngiyakummisela indawo lapho eyobalekela khona.


“Ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo kaFaro, uyakubalandela, ukuze ngithole udumo ngoFaro nangempi yakhe yonke; abaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade.” Benza kanjalo.


Ngokuba kwakungukwenza kukaSimakade ukuba izinhliziyo zabo zibe lukhuluni, ukuze bazokulwa no-Israyeli abehlule abaqothule, angabi namusa kubo, kodwa ashaye icole, njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba kusasa ngalesi sikhathi ngizobanikela bonke kuwe bebulewe, phambi kuka-Israyeli; wena uzonquma amahhashi abo imisipha, izinqola zabo uzishise ngomlilo.”


UBharaki wathi kuye: “Uma uhamba nami, ngizokuya, kodwa uma ungahambi nami, ngeke ngihambe.”


USimakade wayenza lukhuni inhliziyo kaFaro inkosi yaseGibhithe, wabalandela abantu bakwa-Israyeli ngokuba babephume ngesandla esiphakeme.


Mina ngiyakuyenza lukhuni inhliziyo yabaseGibhithe ukuze banilandele, ngiyofumana udumo ngoFaro nangayo yonke impi yakhe, izinqola zakhe zempi, nabagibele amahhashi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite