Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:14 - IsiZulu 2020

14 UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 UDebora wathi kuBaraki: “Vuka, ngokuba yilolu suku uJehova anikele ngalo uSisera esandleni sakho; uJehova akaphumanga phambi kwakho na?” UBaraki wehla entabeni yaseThabori nabantu abayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 UDebora wasesithi kuBharaki: Sukuma! ngoba lolu lusuku iNkosi ezanikela ngalo uSisera esandleni sakho. UJehova akahambanga phambi kwakho na? UBharaki wehla entabeni yaseThabori namadoda ayizinkulungwane eziyishumi emva kwakhe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:14
13 Referans Kwoze  

Uyakuthi lapho uzwa umsindo wokuhamba ezihlokweni zezihlahla zebhalisamu, uphangise, ngokuba uSimakade uyobe ephumile, engaphambi kwakho, ukubhubhisa impi yamaFilisti.”


“Yazi-ke namuhla ukuthi nguSimakade uNkulunkulu wakho odlula phambi kwakho njengomlilo oqothulayo; oyobabhubhisa, abanqobe phambi kwakho, wena uyakubaphuca izwe, ubabhubhise masinyane, njengalokhu uSimakade ekhulumile kuwe.


Ngokuba aniyukuphuma nixhamazela. Aniyukuhamba nibaleka, ngokuba uSimakade uyohamba phambi kwenu; uNkulunkulu ka-Israyeli uyoba nasemuva kwenu.


Obavulela indlela uyakuhamba phambi kwabo. Bayakufohla, badlulele esangweni, baphume ngalo. Inkosi yabo isidlulile phambi kwabo, uSimakade useyinhloko yabo.”


Bavuka ekuseni kuseluvindi, uSamuweli wambiza uSawule ophahleni lwendlu, wathi kuye: “Vuka khona ngizokumukisa.” Wavuka-ke uSawule. Baphuma bobabili baya phandle, uSamuweli noSawule.


Yathi kuso: “Vuka, sihambe,” kodwa kasiphendulanga. Yase isigibelisa embongolweni, yasuka, yaya endaweni yayo.


“Ngakho-ke suka ungcwelise abantu, uthi kubo: ‘Zingcweliseleni usuku lwakusasa, ngokuba usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli: kunezinto eziqalekisiweyo phakathi kwenu, Israyeli aniyukuma phambi kwezitha zenu nize nikhiphe phakathi kwenu izinto eziqalekisiweyo.


Esahambe ibangana ukusuka emzini, uJosefa wathi enduneni yakhe: “Suka uwalandele lawo madoda, lapho uwafica uthi kuwo: ‘Niphindiselani okuhle ngokubi na?


ULothi waphuma wakhuluma nabakhwenyana bakwakhe, wathi: “Phuthumani niphume niphele kulo muzi, ngokuba uSimakade uzowubhubhisa.” Kepha bekuzwa lokho bakuthatha njengamancoko nje.


UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.


USimakade wathi kuJoshuwa: “Ungabesabi, ngokuba ngibanikele esandleni sakho; akukho namunye kubo oyakuma phambi kwakho.”


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Vuka wehlele enkanjini, ngokuba ngiyinikele esandleni sakho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite