Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:13 - IsiZulu 2020

13 uSisera waqoqa zonke izinqola zakhe zempi, izinqola zensimbi ezingama-900 nawo wonke amabutho ayenawo, basuka eHaroshethi labezizwe baya emfudlaneni iKhishoni.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 USisera wayesebutha zonke izinqola zakhe, izinqola ezingamakhulu ayisishiyagalolunye zensimbi, nabantu bonke ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kube semfudlaneni iKishoni.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

13 USisera wabutha zonke izinqola zakhe, izinqola zensimbi ezingamakhulu ayisishiyagalolunye, nabo bonke abantu ababenaye, kusukela eHarosheti labezizwe kuze kufike emfuleni iKishoni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:13
7 Referans Kwoze  

Ngizokumyenga uSisera, umkhuzi wempi kaJabhini nezinqola zakhe zempi namabutho akhe, ukuba babhekane nawe ngasemfuleni iKhishoni, ngizakumnikela esandleni sakho.’ ”


Abozalo lukaJosefa bathi: “Elezintaba alisanele, kodwa wonke amaKhanani ahlala emathafeni anezinqola zensimbi, lawo aseBhethi Sheyani nemizana yalo, nalawo asesigodini iJizreyeli.”


USimakade wayenoJuda, walinqoba elezintaba, kodwa akakwazanga ukuxosha izakhamuzi zasemathafeni, ngokuba zazinezinqola zensimbi.


Kwathi ukuba uSisera bamtshele ukuthi uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wenyukele entabeni iThabhori,


“Amakhosi afika, alwa; alwa namakhosi aseKhanani, eThahanakhi, ngasemanzini eMegido; awatholanga mpango yesiliva.


U-Eliya wathi kubo: “Bambani abaphrofethi bakaBhali, kungabaleki noyedwa kubo.” Bababamba, u-Eliya wabehlisela emfudlaneni iKishoni, wababulalela lapho.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite