Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 4:10 - IsiZulu 2020

10 UBharaki wababizela eKedeshi abakwaZebuloni nabakwaNafethali; amabutho ayizi-10 000 amlandela noDebhora, akhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 UBaraki wabiza oZebuloni noNafetali ukuba beze eKedeshi; kwakhuphuka abantu abayizinkulungwane eziyishumi ezinyathelweni zakhe; naye uDebora wakhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 UBharaki wabiza oZebuloni noNafetali eKedeshi; wakhuphuka namadoda ayizinkulungwane eziyishumi ezinyaweni zakhe, noDebora wakhuphuka naye.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 4:10
9 Referans Kwoze  

UZebuloni yisizwe samadelakufa, noNafethali ngokunjalo, ezindaweni eziphakemeyo zezwe.


Izikhulu zakwa-Isakhare zeza noDebhora, no-Isakhare wethembeka kuBharaki; baphuthuma esigodini besezithendeni zakhe. Phakathi kwabomndeni kaRubeni kwaba nokuzihlola okukhulu ezinhliziyweni.


UDebhora wathi kuBharaki: “Sukuma! Lolu lusuku uSimakade amnikele ngalo uSisera esandleni sakho. USimakade akahambanga yini phambi kwakho, na?” Ngakho-ke uBharaki wehla entabeni iThabhori namabutho ayizi-10 000 emlandela.


Inkosi yakwa-Israyeli yaphendula, yathi: “Mtsheleni nithi: ‘Obhinca izikhali makangazigabisi njengalowo ozikhumulayo.’ ”


Manje-ke lesi sipho esilethwa yincekukazi yakho enkosini yami, masinikwe izinsizwa ezilandela inkosi yami.


Wathumela eKedeshi kwaNafethali ukuba kubizwe uBharaki, indodana ka-Abhinowami, wathi kuye: “USimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli, ukuyale wathi: ‘Hamba umise entabeni iThabori, uthathe amabutho ayizi-10 000 ozalweni lukaNafethali nolukaZebuloni uye nawo entabeni iThabhori.


Ngakho-ke zonke lezi zikhulu zizokuza kimi, zingikhothamele, zithi: ‘Hamba wena nabantu bonke abakulandelayo.’ Emveni kwalokho ngizohamba.” Waphuma wamshiya uFaro evutha bhe wulaka.


Wathuma izigijimi kulo lonke elakwaManase, nabo babuthana, bamlandela. Wabuye wathuma ezinye izigijimi kwa-Asheri, kwaZebuloni nakwaNafethali, bakhuphuka ukuyohlangana nabo.


UNkulunkulu wakho ukumisele amandla akho, qinisa, Nkulunkulu, lokho osenzele khona.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite