Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:8 - IsiZulu 2020

8 Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Rishatayimi inkosi yase-Aramu Naharayimi; abantwana bakwa-Israyeli bamkhonza uKushani Rishatayimi iminyaka eyisishiyagalombili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngalokho intukuthelo kaJehova yamvuthela u-Israyeli, wathengisa ngabo esandleni sikaKushani Ristayimi, inkosi yase-Aramu Pothamiya;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:8
20 Referans Kwoze  

Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Ngibona amathende aseKhushani ekhungethwe wusizi, amakhethini akwaMidiyani ayathuthumela.


UDebhora wathi: “Ngizohamba nawe, kodwa-ke indlela oyithathayo manje ayizukukunika udumo, ngokuba uSimakade uyomnikela uSisera esandleni sowesifazane.” UDebhora wasukuma, wahamba noBharaki, baya eKedeshi.


Ngokuba siyazi ukuthi umthetho ungowomoya, kodwa mina ngingumuntu othengisiwe phansi kwesono.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Iphi incwadi yesehlukaniso engimlahle ngayo? Ngumuphi konyoko engimxoshile, ngubani enginesikweletu naye, engithengise ngani kuye na? Bhekani, nathengiswa ngenxa yobubi benu, nangeziphambeko zenu; unyoko walahlwa.


Uyihoxisile yonke intukuthelo yakho, waphenduka ekuvutheni kolaka lwakho.


Simakade, ungangithethisi ngentukuthelo yakho, ungangishayi ngolaka lwakho.


“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


uSimakade angamthetheleli, kodwa intukuthelo kaSimakade nesikhwele sakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uSimakade alesule igama lakhe phansi kwezulu.


ulaka lwami luvuthe, nginibulale ngenkemba, omkenu babe ngabafelokazi, izingane zenu zibe yizintandane.


Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.


Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


Isizwe sakho usithengise ngenani eliphansi, wangathola nzuzo ngaso.


Bangihluphe kakhulu, kusukela ebusheni bami, makasho njalo u-Israyeli.


Inceku yathatha amakameli ayishumi omniniyo, yahamba iphethe izimpahla ezinhle ezinhlobonhlobo ezivela kumnumzane. Yalibangisa e-Aramu Naharayimu, emzini okwakwakhe kuwo uNahori.


Ngiyomelana nani, nishaywe phambi kwezitha zenu, labo abanizondayo bayobusa phezu kwenu; niyobaleka kungekho muntu onixoshayo.


Wabanikela esandleni sabezizwe, babusiswa ngababazondayo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite