Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:7 - IsiZulu 2020

7 Abantu bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo, bakhonza oBhali no-Ashera.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali no-Ashitaroti.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Abantwana bakwa-Israyeli benza okubi emehlweni kaJehova, bamkhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, bakhonza oBali nezihlahla.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:7
28 Referans Kwoze  

Kepha niyobhidliza ama-althare abo, niphihlize izinsika zabo, nigawule o-Ashera babo.


Yamkhiphela ngaphandle kweJerusalema u-Ashera, endlini kaSimakade, yamshisa emfudlaneni iKidroni, yamgaya waba luthuli, yalahla umlotha wakhe emangcwabeni amadodana abantu.


Umkhuleko wakhe nokunxusa kwakhe uNkulunkulu, zonke izono zakhe, konke ukungethembeki kwakhe nezindawo eziphakemeyo azakha, wamisa o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, ngesikhathi engakazithobi; bheka, konke lokho kulotshwe ezindabeni zikaHozayi.


Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uyise uHezekiya ayezidilizile, wamisela uBhali ama-althare, wenza o-Ashera, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza.


Bayishiya indlu kaSimakade uNkulunkulu wokhokho babo, bakhonza o-Ashera nezithombe; intukuthelo kaSimakade yehlela uJuda neJerusalema ngenxa yalokho.


U-Asa wamsusa unina uMahakha ukuba abe yindlovukazi, ngokuba wayenzele u-Ashera isithombe esinengekayo. U-Asa wasigenca leso sithombe, wasiqotha sacoliseka, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni.


Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera, yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.


Ngalokho-ke thumela, uqoqele kimi wonke u-Israyeli entabeni iKharmeli, nabaphrofethi bakaBhali abangama-450, nabaphrofethi baka-Ashera abangama-400, abadla etafuleni likaJezebheli.”


U-Ahabi wenza u-Ashera, wenezela ekoneni kwakhe, wamcunula uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli ukuwedlula wonke amakhosi akwa-Israyeli abusa ngaphambi kwakhe.


Ngalobo busuku uSimakade wathi kuye: “Thatha inkunzi kayihlo, eyesibili eneminyaka eyisikhombisa, ubhidlize i-althare likaBhali elingelikayihlo, ugawule nensika engcwele eseduze kwalo,


Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.


“Ungazigxumekeli insika ka-Ashera yanoma luhlobo luni lwesihlahla eceleni kwe-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho oyakuzakhela lona.


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


Wawadiliza ama-althare, wagenca o-Ashera nezithombe ezibaziweyo, wakuqotha kwaze kwawuthuli. Wonke ama-althare empepho ezweni lonke kwa-Israyeli wawanquma, wayesebuyela eJerusalema.


Ngonyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe esengumfana, waqala ukufuna uNkulunkulu kaDavide, ukhokho wakhe. Kwathi ngonyaka we-12, waqala ukuhlambulula uJuda neJerusalema, wasusa izindawo eziphakemeyo, o-Ashera, izithombe ezibaziweyo, nezithombe ezibunjiweyo.


Ngakho-ke intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wamthengisa esandleni senkosi uKhushani Rishathayimi wase-Aramu Naharayimi, abakwa-Israyeli bamkhonza uKhushani Rishathayimi iminyaka eyisishiyagalombili.


Abakwa-Israyeli abamkhumbulanga uSimakade uNkulunkulu wabo, owayebakhulule esandleni sazo zonke izitha zabo ezazibazungeze nxazonke.


“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.


Bakhala kuSimakade, bathi: ‘Sonile, samshiya uSimakade, sakhonza uBhali no-Ashitharothi, kodwa manje sihlenge esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’


Okhokho bethu beseseGibhithe abaziqondanga izibonakaliso zakho, ababukhumbulanga ubuningi bezenzo zakho zomusa, bakuhlubuka bengasolwandle, oLwandle Lomhlanga.


Abaceba ukwenza ukuba abantu bami balikhohlwe igama lami ngamaphupho abo abawalandisa, kube yilowo nalowo kumakhelwane wakhe, njengoba okhokho babo balikhohlwa igama lami ngenxa kaBhali na?


Qaphela, funa ukhohlwe nguSimakade uNkulunkulu wakho ungayigcini imiyalo yakhe, izehlulelo zakhe, nezimiso zakhe engikuyala ngakho namuhla.


bese inhliziyo yakho iqhosha, umkhohlwe uSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila,


“Kepha uyomkhumbula uSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba nguye okupha amandla okuzuza imfuyo ukuba amise isivumelwano sakhe afunga ngaso kokhokho bakho, njenganamuhla.


Kwathi ukuba uGideyoni afe, abakwa-Israyeli babuye baphinga noBhali, benza uBhali Bherithi waba ngunkulunkulu wabo.


bazihlanganisa nabezizwe, bafunda ukugila imikhuba yabo.


Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite