Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:31 - IsiZulu 2020

31 Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Emva kwakhe kwafika uShamgari indodana ka-Anati owabulala kuwo amaFilisti abantu abangamakhulu ayisithupha ngocijo lwenkabi; naye wasindisa u-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Emva kwakhe kwaba nguSamgari indodana ka-Anati owabulala kumaFilisti amadoda angamakhulu ayisithupha ngociko lwenkabi; wasindisa no-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:31
17 Referans Kwoze  

“Ezinsukwini zikaShamgari, indodana ka-Anathi, ezinsukwini zikaJayeli, abantu bayibalekela imigwaqo emikhulu, abahamba ngalezo ndlela bahamba ngezindlela ezimazombezombe.


Ngokuba uKhristu akangithumanga ukuba ngibhabhadise, kodwa ukuba ngishumayele ivangeli, hhayi ngokuhlakanipha kwamazwi abantu, funa isiphambano sikaKhristu senziwe ize.


UDavide wamehlula umFilisti ngendwayimana nangetshe, wamshaya umFilisti, wambulala, kodwa kwakungekho nkemba esandleni sikaDavide.


Yonke le nhlangano iyokwazi ukuthi uSimakade akasindisi ngenkemba nangomkhonto, ngokuba impi ingekaSimakade; uyakuninikela esandleni sethu.”


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


Bakhetha onkulunkulu abasha, kwase kuba khona impi emasangweni. Phakathi kwezinkulungwane ezingamashumi amane kwa-Israyeli, ukhona yini owake waphatha isihlangu nomkhonto, na?


USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga.


Izwi likaSamuweli lafika kuwo wonke u-Israyeli. U-Israyeli waphuma wayolwa namaFilisti, wakanisa ngase-Ebheni Ezeri; amaFilisti akanisa e-Afeki.


Kwase kubizwa abakwa-Amoni ukuba bahlome, bakanise kwaGileyadi; abakwa-Israyeli bahlangana, bakanisa eMizpha.


Ngakho-ke ulaka lukaSimakade lwamvuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni samaFilisti, nasesandleni sabakwa-Amoni,


Abantu bakwa-Israyeli baphinde benza okubi emehlweni kaSimakade, emva kokufa kuka-Ehudi.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.


“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.


USimakade wathi kubantu bakwa-Israyeli: “Anginihlenganga yini kwabaseGibhithe, nabakwa-Amori, nabakwa-Amoni, nakumaFilisti, na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite