Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:27 - IsiZulu 2020

27 Kwathi ukuba afike lapho, washaya icilongo ekwelezintaba kwa-Efrayimi. Abantu bakwa-Israyeli behla naye kwelezintaba, ebahola.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Kwathi esefikile, wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye ezintabeni, yena ephambi kwabo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Esefikile wabetha icilongo ezintabeni zakwa-Efrayimi, abantwana bakwa-Israyeli behla naye entabeni, yena waphuma phambi kwabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:27
13 Referans Kwoze  

UJonathani wabhubhisa ibutho lamaFilisti elalikanise eGebha, amaFilisti ezwa ngalokho. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “AmaHebheru mawezwe!”


UMoya kaSimakade wehlela kuGideyoni, washaya icilongo, ama-Abhiyezeri abuthana, amlandela.


Ngokushesha, zathatha kwaba yileyo naleyo ingubo yayo, zazibeka phansi kwakhe esikhwelweni, zase zibetha icilongo, zathi: “UJehu uyinkosi.”


Owesifazane waya kubantu, wabatshela ngecebo lakhe eliphusile, nempela balinquma ikhanda likaSheba, indodana kaBhikhiri, baliphonsa ngaphandle kuJowabe. UJowabe wayesebetha icilongo, abantu bahlakazeka bawushiya umuzi, babuyela emathendeni abo. UJowabe waphindela enkosini eJerusalema.


Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.


Kwakukhona umuntu kwelezintaba kwa-Efrayimi ogama lakhe kunguMikha.


UGideyoni wathumela izigijimi kulo lonke elisezintabeni kwa-Efrayimi, wathi: “Yehlani nilwe nabakwaMidiyani, nithathe imithombo kuze kuyofika eBhethi Bhara naseJordani.” Wonke amadoda akwa-Efrayimi abizwa, athatha imithombo yamanzi kwaze kwayofika eBhethi Bhara naseJordani.


Kusukela kwa-Efrayimi baphumela esigodini, kulandela wena Bhenjamini nabafowenu, kusukela eMakhiri, bahamba abakhuzi bempi behla kusukela kwaZebuloni, kwehla abaphethe induku yomkhuzi wempi.


kodwa elezintaba kuzoba ngelakho, ngokuba nakuba liyihlathi nizolicaba libe yifa lenu namaphethelo alo, ngokuba nizowaxosha amaKhanani, ngisho enezinqola zensimbi, futhi enamandla.”


UJoshuwa wathi kubo: “Uma ningabantu abaningi, khuphukelani ehlathini nizicabele indawo ezweni lamaPherizi namaRefa, ngokuba elezintaba kwa-Efrayimi lincane kakhulu kini.”


U-Ehudi waphulukundlela ngesikhathi zisalindile, wedlula ezithombeni ezibaziweyo, wabalekela eSeyiri.


Emva kuka-Abhimelekhi kwavela uThola, indodana kaPhuwa kaDodo, umuntu wakwa-Isakhare ukuba akhulule u-Israyeli, owayehlala eShamiri kwelezintaba kwa-Efrayimi.


Ngakubona lokho, ngaphakama, ngathi kubaholi nezikhulu nakubantu bonke: “Ningazesabi. Khumbulani iNkosi enamandla neyesabekayo, nilwele abafowenu, abantwana benu, omkenu nemizi yenu.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite