Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:15 - IsiZulu 2020

15 Lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, uSimakade wabavusela omunye umkhululi, u-Ehudi indodana kaGera wakwaBhenjamini, owayeyinxele. Abakwa-Israyeli bathumela umnikelo enkosini u-Egiloni wakwaMowabi ngesandla sika-Ehudi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bakhala kuJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; abantwana bakwa-Israyeli bathuma isipho ngaye ku-Egiloni inkosi yakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kepha abantwana bakwa-Israyeli bembiza uJehova, uJehova wabavusela umsindisi, u-Ehudi indodana kaGera, umBenjamini, umuntu oyinxele; futhi ngaye abantwana bakwa-Israyeli bathumela isipho ku-Egiloni, inkosi yakwaMowabi.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:15
22 Referans Kwoze  

Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.


Lapho ebabulala, bamfuna, babuye bamfunisisa uNkulunkulu.


“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba isho kanje inkosi yase-Asiriya, ithi: ‘Yakhani uxolo nami, niphume nize kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe,


Babehlome ngeminsalo, bengamakhabe, bekwazi ukuciba nokuphonsa amatshe ngesokhohlo nangesokunene. Babengabafowabo bakaSawule, bevela kwaBhenjamini, okwakuyilaba:


Kuwona wonke lowo mbutho, kwakukhona amadoda angama-700 ayeqokiwe engamanxele wonke, ayekwazi ukunemba ngetshe, angageji.


‘Ngibize, ngiyakukuphendula, ngikutshele izinto ezinkulu nezifihlekileyo ongazaziyo.’


Isipho esikhishwa ekusithekeni sibohlisa ulaka, nomfumbathiso obuthukuswe esifubeni uyayidambisa intukuthelo enkulu.


Baningi abazincengela ezikhulwini; bonke bafuna ukuba ngumngani womuntu ophanayo.


Isipho somuntu simvulela iminyango, simphendlele indlela kwabakhulu.


Sithokozise ngangezinsuku owasihlupha ngazo, nangangeminyaka esabona okubi ngayo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Kepha abantu abakhohlakele, bathi: “Uyakusisindisa kanjani lona na?” Bambukela phansi, abaze bamnika sipho, kodwa wazithulela nje.


Abantu bakwa-Israyeli bamkhonza u-Egiloni, inkosi yakwaMowabi, iminyaka eli-18.


U-Ehudi wazenzela inkemba ebukhali nhlangothi zombili, ubude bayo buyikhubhithi, wayibophela ethangeni lakhe lakwesokunene ngaphansi kwezingubo zakhe.


USimakade wabavusela abehluleli ababakhulula esandleni salabo ababebaphanga.


Abantu bakwa-Israyeli base bekhala kuSimakade becela usizo, ngokuba uJabhini wayenezinqola zempi ezenziwe ngensimbi ezingama-900. Wayebacindezele, ebaphethe ngonya olukhulu abakwa-Israyeli, iminyaka engama-20.


UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Unjani mfowethu?” UJowabe wabamba u-Amasa isilevu, ngesandla sakhe sokunene, wamanga.


U-Amasa akayinakanga inkemba eyayiphethwe nguJowabe ngesandla. UJowabe wamgwaza kanye ngayo esiswini, izibilini zakhe zachithekela emhlabathini, wafa ujuqu. Akamphindanga. UJowabe no-Abhishayi, umfowabo, baqhubeka bexosha uSheba, indodana kaBhikhiri.


Amadodana kaBhela: kwakungu-Adari, uGera, u-Abhihudi,


uGera, uShefufani noHuramu.


Yileyo naleyo yayimlethela isipho: izitsha zesiliva, izitsha zegolide, izingubo, izikhali, amakha, amahhashi neminyuzi, ekwenza lokhu iminyaka ngeminyaka.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite