Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:12 - IsiZulu 2020

12 Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, lokhu benze okubi emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 Abantwana bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaJehova; uJehova wamnika u-Egiloni inkosi yakwaMowabi amandla phezu kuka-Israyeli, ngokuba benza okubi emehlweni kaJehova.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:12
15 Referans Kwoze  

“Sebelapho bakhohlwa nguSimakade uNkulunkulu wabo. Wayesethengisa ngabo esandleni sikaSisera, induna yempi eHazori, esandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi; balwa nabo.


Kepha noma yinini lapho umehluleli efa, babebuyela emuva baziphathe kabi ngokwedlulele kunoyisemkhulu, ngokulandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, babakhothamele. Abayekanga namunye wemikhuba yabo, nezindlela zabo zenkani.


UJesu waphendula, wathi: “Ngabe awunalo igunya phezu kwami, ukuba awulinikwanga ngaphezulu. Ngakho-ke onginikele kuwe, nguyena onesono esikhulu.”


“Ngiyakwenzani ngawe Efrayimi na? Ngiyakwenzani ngawe Juda na? Uthando lwenu lunjengomlalamvubu ekuseni, nanjengamazolo asekuseni eshabalala.


“E, nkosi, uNkulunkulu oPhezukonke wanika uNebukhadinezari uyihlo umbuso, ubukhulu, udumo, nobukhosi.


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


Uyakukhuphukela khona ukuba uthelekele abantu bami u-Israyeli, njengefu lisibekela izwe. Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo ngikuyise kubantu bami, ukuze izizwe zazi lapho ngizibonakalisa ngawe, Gogi, ukuthi ngingcwele, ziyakuzibonela ngawazo amehlo.”


“Awuzwanga yini ukuthi lokhu ngakuhlela kwasemandulo na? Ngakuceba ngezinsuku zakudala, lokhu engikwenzayo manje ukucekela phansi imizi ebiyelweyo, ibe yizindunduma zemvithi.


Izembe lingaziqhayisa yini kuye ogawula ngalo, nesaha lingazikhukhumeza yini kosaha ngalo na? Induku ingamphakamisa yini oyiphakamisayo, nentonga lokho okungesilo ukhuni na?


UNahamani, umkhuzi wempi yenkosi yase-Aramu, wayengumuntu omkhulu phambi kwenkosi yakhe, otusekayo, ngokuba uSimakade wayenze ukuba i-Aramu linqobe ngaye, futhi wayeyiqhawe elinamandla, kodwa wayenochoko.


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wayesebanikela kubaphangi, babaphanga, wabathengisa emandleni ezitha ezazibazungezile, ababe besakwazi ukumelana nazo.


Abakwa-Israyeli base benza okubi emehlweni kaSimakade, bakhonza oBhali;


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite