Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:11 - IsiZulu 2020

11 Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40. U-Othiniyeli, indodana kaKhenazi, wafa.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Izwe lase liba nokuthula iminyaka engamashumi amane. Wafa u-Otheniyeli indodana kaKenazi.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Izwe laba nokuphumula iminyaka engamashumi amane. U-Otheniyeli indodana kaKenazi wafa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:11
11 Referans Kwoze  

AbakwaMidiyani bathotshiswa phansi kwabakwa-Israyeli, abaphindanga babavukela. Izwe laba nokuthula iminyaka engama-40 ngezinsuku zikaGideyoni.


“Simakade, sengathi zingabhubha zonke izitha zakho! Kodwa abakuthandayo mabafane nelanga liphuma ngamandla alo.” Izwe lalinokuthula iminyaka engama-40.


Kusukela ngalolo lusuku abakwaMowabi baba ngaphansi kwesandla sabakwa-Israyeli. Izwe laba nokuthula, iminyaka engama-80.


Ngakho-ke uJoshuwa walidla lonke izwe njengakho konke uSimakade ayekushilo kuMose; uJoshuwa walinika u-Israyeli laba yifa lakhe, wamabela ngokwezizwe zakhe. Izwe laphumula ekulweni.


Ngalezo zinsuku, abaJuda bakhululwa ezitheni zabo, ngenyanga lapho usizi lwabo lwaphenduka injabulo, ukulila kwabo kwaba yintokozo. Kwakumele kube yizinsuku zedili nentokozo, izinsuku zokuphana izipho ezingukudla, nezipho eziya kwabampofu.


Amadodana kaKenazi: kwakungu-Otheniyeli noSeraya; indodana ka-Otheniyeli: kunguHathathi.


Kodwa lapho abantu bakwa-Israyeli bekhala kuSimakade, wabavusela umkhululi abakwa-Israyeli, owabakhulula, u-Othiniyeli indodana kaKhenazi, umnawabo kaKhalebhu.


U-Otheniyeli, indodana kaKhenazi umfowabo kaKhalebhu, walinqoba, wayesemganisela indodakazi yakhe u-Akhisa, waba ngumkakhe.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


Abantu bakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade, uSimakade waqinisa u-Egiloni wakwaMowabi wamelana nabakwa-Israyeli, ngokuba babenzile okubi emehlweni kaSimakade.


“Kepha kuthe sebehleli ngokuthula, babuye benza okubi emehlweni akho. Wawusubayekela ezitheni zabo ukuze zibabuse. Kwathi lapho sebekunxusa, wabezwa usezulwini, ngesihawu sakho wabakhulula futhi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite