Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 3:1 - IsiZulu 2020

1 Nazi izizwe uSimakade azishiya ukuze avivinye ngazo bonke abakwa-Israyeli ababengenalwazi ngempi eKhanani,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Lezi ziyizizwe aziyekile uJehova ukuze amvivinye ngazo u-Israyeli, bonke abakwa-Israyeli ababengazi mpi eKhanani,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lezi ziyizizwe uJehova azishiya ukuze avivinye u-Israyeli ngazo, wonke u-Israyeli owayengazazi zonke izimpi zaseKhanani;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 3:1
20 Referans Kwoze  

Ukhamba lokuncibilikisela lungolwesiliva, nesithando somlilo ngesegolide, kepha nguSimakade ovivinya izinhliziyo.


USimakade uNkulunkulu wakho uyozixosha lezi zizwe phambi kwakho kancane kancane; awuyukwazi ukuziqeda masinyane, funa izilwane zasendle zande zibe ziningi kunani.


“Ngikubekile ukuba ube ngumhloli nenqaba phakathi kwabantu bami, ukuze uqaphe, futhi uhlole inkambo yabo.


“Ngokuba uyayazi indlela yami; esengivivinyile, ngiyakuphuma nginjengegolide.


Sonke leso sizukulwane safa sabekwa nokhokho baso, kwakhula esinye isizukulwane emva kwabo, esasingamazi uSimakade nomsebenzi ayewenzele u-Israyeli.


Wakupha imana ehlane, okhokho bakho ababengayazi, ukuze akuthobise, akuvivinye, kuthi ekugcineni akwenzele okuhle.


Uyoyikhumbula yonke indlela uSimakade uNkulunkulu wakho akuhola ngayo le minyaka engama-40 ehlane ukuba akuthobise, akuvivinye, ukuze azi okusenhliziyweni yakho, ukuthi uyoyigcina yini imiyalo yakhe noma qha.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Bathandekayo, ningamangali ngomlilo ophakathi kwenu, enifikelwa yiwo ukuba nilingwe ngokungathi nehlelwe yinto engaziwayo.


ukuze ubuqotho bokukholwa kwenu, okuyigugu kunegolide elibhubhayo noma livivinywa ngomlilo, kufunyanwe kube ngukubongwa, udumo, nokutuseka mhla kwembulwa uJesu Khristu,


Kepha uJesu akazange abethembe, ngokuba wayebazi bonke ubunjalo babo.


Ngiyakufaka ingxenye yesithathu emlilweni, ngibacwengisise njengokucwengisiswa kwesiliva, ngibavivinye njengokuvivinywa kwegolide. Bayakubiza igama lami, ngiyakubaphendula, ngithi: ‘Bangabantu bami!’ Bona bayakuthi: ‘USimakade unguNkulunkulu wami.’ ”


Kanjalo maqondana nezithunywa zezikhulu zaseBhabhele ezathumela kuye ukuyobuza ngesibonakaliso esenzeka ezweni, uNkulunkulu wamshiya emvivinya, ukuze azi konke okusenhliziyweni yakhe.


Wakhala kuSimakade, uSimakade wamkhombisa umuthi; wawuphonsa emanzini, amanzi ayeseba mnandi. USimakade wabamisela khona lapho umthetho nesimiso, wayesebavivinya belapho.


Emveni kokufa kukaJoshuwa, abantu bakwa-Israyeli babuza kuSimakade, bathi: “Ngubani ozosihola siyokulwa namaKhanani, na?”


USimakade wazishiya lezo zizwe, akaze azixosha kanyekanye, futhi kazinikelanga esandleni sikaJoshuwa.


ukuze lezo zizukulwane zabakwa-Israyeli ezilandelayo zikwazi ukulwa, kufundiswe lezo ezingakaze ziyazi impi phambilini.


nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite