Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:21 - IsiZulu 2020

21 niqaphe, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukuba azosina, anophuma ezivinini, kube yilowo azithwalele umfazi ezintombini zaseShilo, nibuyele kwaBhenjamini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Bhekani, bhekani, lapho amadodakazi aseShilo ephuma ukugida, niphume ezivinini, nizithabathele, kube yilowo nalowo umkakhe emadodakazini aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:21
13 Referans Kwoze  

UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


Kwase kusuka uMiriyamu umphrofethikazi, udadewabo ka-Aroni, wathatha ithamborini ngesandla sakhe; waphuma nabo bonke abesifazane emva kwakhe, bephethe amathamborini, besina.


Kepha kuqala, kufanele ihlupheke ngokuningi, ilahlwe yilesi sizukulwane.


“Kepha xwayani abantu, ngokuba bayakunikhaphela ezigcawini zokwehlulela, banishaye emasinagogeni abo.


Intombi iyakuthokoza ngokusina, izinsizwa nabadala bajabule kanyekanye. Ngiyakuguqula ukukhala kwabo kube yinjabulo, ngibaduduze, ngibathokozise, bangabe besaba nosizi.


isikhathi sokukhala, nesikhathi sokuhleka; isikhathi sokulila, nesikhathi sokusina;


Mdumiseni ngesigubhu nokusina, nimdumise ngezigubhu ezinezintambo ezilishumi, nemitshingo.


Mabadumise igama lakhe ngokusina, bamhubele ngesigubhu nehabhu,


Wayesethi uDavide kuMikhali: “Ngisine phambi kukaSimakade owangikhetha ukuba ngibe yinkosi kunoyihlo nabo bonke abendlu yakhe, wangibeka ukuba ngibe ngumbusi wabantu bakaSimakade kwa-Israyeli, yebo, ngisinile phambi kukaSimakade.


UDavide wasina ngamandla akhe wonke phambi kukaSimakade, ebhince ingubo yamahlombe yelineni elimhlophe.


Kwathi lapho befika, uDavide esebuya ekubulaleni umFilisti, abesifazane baphuma emizini yonke kwa-Israyeli, behlabelela besina, beyohlangabeza uSawule, inkosi, ngezigubhu, nangokhehlegume, bethokoza.


Babayala abakwaBhenjamini, bathi: “Hambani nicashe ezivinini,


Buya, buya mShulami! Buya, buya ukuze sikubuke! Yini enizoyibona kumShulami na? Kunjengokusina phakathi kwamaqembu amabili.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite