Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:19 - IsiZulu 2020

19 Ngakho-ke bathi: “Niyabona-ke, kuzoba nomkhosi kaSimakade waminyaka yonke eShilo, elisenyakatho yeBhethele, ngasempumalanga yomgwaqo okhuphuka eBhethele uya eShekhemu, eningizimu yeLebhona.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Athi: “Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Base bethi: “Bheka, kukhona umkhosi weNkosi iminyaka ngeminyaka eShilo endaweni esenyakatho yeBethele, ngasempumalanga komgwaqo okhuphuka usuka eBethele uya eShekemi, naseningizimu yeLebona.”

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:19
20 Referans Kwoze  

Wawususondele uMkhosi wabaJuda wamaDokodo.


Emva kwalokho kwaba khona umkhosi wabaJuda, uJesu wakhuphukela eJerusalema.


Shayani icilongo ngokwethwasa kwenyanga nangokugcwala kwayo, ngosuku lomkhosi wethu.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Bazimisela isithombe esibaziweyo esasenziwe nguMikha, ngaso sonke isikhathi indlu kaNkunkulu iseseShilo.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


“Uyogcina uMkhosi Wamadokodo izinsuku eziyisikhombisa, emveni kokubutha okwesibuya sakho nokwesikhamo sakho,


Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.


“Gcina inyanga ka-Abibi, wenze iphasika kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba ngenyanga ka-Abibi, uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha eGibhithe ebusuku.


“ ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukwenza msebenzi, niyogubhela uSimakade umkhosi izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela kuSimakade ngomnikelo omusha wokusanhlamvu emkhosini wenu wamaviki, niyoba nomhlangano ongcwele; aniyukusebenza msebenzi.


“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lwe-14 lwayo, kuyakuba yiphasika likaSimakade.


Ngezinsuku zokuthokoza kwenu, nangemikhosi emisiweyo, nasekwethwaseni kwenyanga, niyakubetha amacilongo enu phezu kweminikelo yenu yokushiswa naphezu kwemihlatshelo yeminikelo yenu yokuthula. Iyoba yisikhumbuzo senu phambi kukaNkulunkulu wenu; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.”


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Ngosuku lwe-15 lwenyanga yesikhombisa kuyakuba nguMkhosi Wamadokodo kuSimakade, izinsuku eziyisikhombisa.


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Lapho senifikile ezweni engizakuninika lona, senivunile isivuno salo; niyoletha kumphristi isithungo solibo lokuqala lwesivuno senu.


Ngosuku lwe-15 lwaleyo nyanga kuyoba ngumkhosi wesinkwa esingenamvubelo kuSimakade. Niyokudla isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa.


“ ‘Nansi-ke imikhosi emisiweyo kaSimakade, imihlangano engcwele eniyoyimemezela kubo ngezikhathi ezimisiweyo:


“Yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Yilena imikhosi kaSimakade emisiweyo engiyimemezelayo kini ibe yimihlangano engcwele, iyimikhosi yami emisiweyo.


Babayala abakwaBhenjamini, bathi: “Hambani nicashe ezivinini,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite