Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 21:10 - IsiZulu 2020

10 Ngakho-ke inhlangano yathumela amabutho ayizi-12 000 kubo, yawayala yathi: “Hambani nibulale ngenkemba izakhamuzi zaseJabheshi Gileyadi, ngisho abesifazane nezingane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Inhlangano yathuma khona amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nambili kumaqhawe amakhulu, yabayala, yathi: “Hambani nibulale abakhileyo eJabeshi kwaGileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nabantwana.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 21:10
9 Referans Kwoze  

Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wathumela izithunywa nazo kuyo yonke imingcele yakwa-Israyeli, wathi: “Ongezukuphuma alandele uSawule noSamuweli kuzokwenzeka kanje ezinkabini zakhe.” Ingebhe ngoSimakade yehlela phezu kwabantu, baphuma kwangathi bamuntu munye.


Abakwa-Israyeli base bethi: “Yisiphi isizwana phakathi kwezizwana zonke zakwa-Israyeli esingakhuphukanga ukuzoba yingxenye yenhlangano kaSimakade, na?” Ngokuba kwenziwe isifungo esinqala ngalabo abangakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, esithi: “Lowo uyakubulawa.”


‘Qalekisani iMerozi,’ kusho ingelosi kaSimakade; ‘ziqalekiseni kabi izakhamuzi zalo, ngoba azizanga ukuzosiza uSimakade, ukuzosiza uSimakade elwa nesiqhwaga.’


Manje hamba, unqobe u-Amaleki, ushaye icole kukho konke okungokwakhe, ungamhawukeli, kodwa uqothe imbokodo nesisekelo kwabesilisa, abesifazane, izingane, nabantwana abasancela, izinkabi, izimvu, amakameli nezimbongolo.’ ”


UJoshuwa nabo bonke abantu bakwa-Israyeli ababenaye bamthatha u-Akhani, indodana kaZera, nesiliva, nengubo, nesigaxa segolide, namadodana namadodakazi akhe, nezinkabi zakhe nezimbongolo nezimvu nethende lakhe, nakho konke okwakungokwakhe, bakukhuphulela esigodini i-Akhori.


uyozibulala ngenkemba izakhamuzi zalowo muzi, uwuchithe impela, nakho konke okuphakathi kwawo, nemfuyo yawo, ukubhubhise ngenkemba.


Ngalokho, babulaleni manje bonke abafana, nabo bonke abesifazane asebeyazi indoda.


Base bethi: “Sikhona yini esinye isizwana phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, na?” Kwatholakala ukuthi akukho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi oweza enkanjini enhlanganweni.


Ngokuba ngesikhathi kubizwa amagama alabo ababekhona, kwakungekho namunye kwabaseJabheshi Gileyadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite