Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:6 - IsiZulu 2020

6 Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Ngasithatha isancinza sami, ngisihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babenzile ihlazo nobuwula kwa-Israyeli.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:6
9 Referans Kwoze  

Lapho isifikile endlini yayo, yathatha ummese, yabamba isancinza sayo, yasiqoba izinqamu ezili-12, isitho ngesitho, yazithumela kuzo zonke izindawo zakwa-Israyeli.


Ikhehla, umninindlu laphumela kubo, lathi: “Qha, bafowethu, ningabenzi lobu bubi obungaka. Njengoba le ndoda ingenise endlini yami, ningabenzi lobu buwula obuyihlazo.


Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”


Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


Siyothatha amadoda alishumi kwayikhulu kuzo zonke izizwana zakwa-Israyeli, nayikhulu kwayinkulungwane, nayinkulungwane kwalishumi lezinkulungwane, ukuba ahlinzeke amabutho ngokudla, azohamba ayophindisela eGibheya kwaBhenjamini ngalobu buwula obuyihlazo ababenzile kwa-Israyeli.”


“ ‘Ningazingcolisi noma ngayiphi yalezo zinto, ngokuba izizwe engazixosha phambi kwenu zazizingcolisa ngazo.


Ngalokho, gcinani umyalo wami ukuze ningenzi nasinye sezinengiso ezenziwa ngaphambi kwenu, ningazingcolisi ngazo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.’ ”


Besazijabulisa, kwatheleka abantu bakulowo muzi, ababekhohlakele kakhulu, bazungeza indlu, baqala ukungqongqotha emnyango, bethi ekhehleni elingumninindlu: “Khiphela phandle umuntu ongenise endlini yakho ukuze silale naye.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite