Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:34 - IsiZulu 2020

34 Kweza malungana neGibheya amadoda ayizi-10 000 ayekhethwe kuwo wonke u-Israyeli. Impi yayinzima kakhulu, kodwa abakwaBhenjamini babengaboni ukuthi ingakanani inhlekelele eyayizobehlela.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

34 Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

34 Kwasekufika eGibeya amadoda akhethiweyo azinkulungwane ezilitshumi kuIsrayeli wonke, impi yayinzima, kodwa babengazi ukuthi ububi buphezu kwabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:34
12 Referans Kwoze  

Lapho inkosi yase-Ayi ikubona lokho, yaphuma ngokushesha ekuseni, yona nabantu bayo, izakhamuzi zomuzi i-Ayi, baya endaweni ebhekene ne-Araba lapho impi yayibambene khona neyakwa-Israyeli, kodwa yayingazi ukuthi kukhona abayilalele unyendle emva komuzi.


Kodwa ububi buyakukwehlela, awuyukwazi lapho buvela khona; nengozi iyakuwela phezu kwakho, awuyukuba namandla okuyivika; incithakalo iyokwehlela phezu kwakho ngokuzumayo, ungazi.


Ziphetha imihla yazo ngokuhle, zehlela endaweni yabafileyo ngokuthula.


Uma bethi: “Ukuthula nokuhlala kahle,” khona ukubhujiswa kuyakubazuma njengemihelo ifikela okhulelweyo; kabasoze baphunyuka.


“Qaphelani, funa izinhliziyo zenu zisindwe ukuminza, ukudakwa, neminako yalokhu kuphila, bese lolo lusuku lunizume,


Ngakho-ke nani hlalani nimi ngomumo, ngokuba iNdodana yomuntu iyakufika ningazelele.


Ngokuba umuntu akasazi isikhathi sakhe; kunjengezinhlanzi ezibanjwa enethini elinonya, nezinyoni ezibanjwa ogibeni; kanjalo nabantu babanjwa ogibeni olubi, oluyisikhathi esibafikela bengazelele.


Ugibe lusesiphambekweni somuntu omubi, kodwa olungileyo uhlabelela ngentokozo.


Indlela yezikhohlakali injengobumnyama; abazi nokuthi bakhutshwa yini.


USimakade wabanqoba abakwaBhenjamini phambi kuka-Israyeli. Abakwa-Israyeli babhubhisa amadoda akwaBhenjamini ayizi-25 100, wonke ayehlome ngenkemba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite