Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:27 - IsiZulu 2020

27 Abakwa-Israyeli babuza kuSimakade ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova, ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:27
12 Referans Kwoze  

Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”


“ ‘Kepha ake nihambe niye endaweni yami eShilo, lapho ngaqala khona ukubeka iGama lami, nibone engakwenza kuyo ngenxa yobubi babantu bami, u-Israyeli.


Isandla sikaSimakade asifinyeziwe ukuba sisindise, nendlebe yakhe ayibuthuntu ukuba izwe.


Abakwa-Israyeli bakhuphuka, bayokhala phambi kukaSimakade kwaze kwaba kusihlwa; babuza kuSimakade, bathi: “Siphinde yini sisondele kubafowethu bakwaBhenjamini siyolwa nabo, na?” USimakade wathi: “Khuphukani, nilwe nabo.”


Uyakuma phambi kuka-Eleyazare, umphristi, oyombuzela ngokunquma kwe-Urimi phambi kukaSimakade; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abakwa-Israyeli, yebo, nayo yonke inhlangano.”


noFinehasi, indodana ka-Eleyazare ka-Aroni, wayemi phambi kwawo ngalezo zinsuku, bathi: “Siphinde yini siphume siyolwa nabafowethu bakwaBhenjamini noma siyeke, na?” USimakade waphendula wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngizobanikela esandleni senu.”


Emveni kokufa kukaJoshuwa, abantu bakwa-Israyeli babuza kuSimakade, bathi: “Ngubani ozosihola siyokulwa namaKhanani, na?”


“Nxa usuka kubo uyakuqhubeka uze ufike esihlahleni somu-okhi eThabhori, lapho uyakuhlangana nabantu abathathu bekhuphukela kuNkulunkulu eBhethele. Omunye uyobe ephethe amazinyane amathathu ezimbuzi, omunye ephethe izinkwa ezintathu, omunye ephethe imvaba yewayini.


Ngokuba angikaze ngihlale endlini kusukela ngosuku engakhuphula ngalo abantu bakwa-Israyeli eGibhithe kuze kube namuhla. Bengihamba ngehla ngenyuka nani ngisethendeni nasethabanakelini.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite