Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:25 - IsiZulu 2020

25 AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya ukuyolwa nabakwa-Israyeli ngosuku lwesibili, babulala abayizi-18 000 zamadoda akwa-Israyeli ayehlome ngenkemba.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

25 UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

25 UBenjamini waphuma eGibeya ukulwa nabo ngosuku lwesibili, wabuye wachitha abantu abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili ezweni labantwana bakwa-Israyeli; bonke bahosha izinkemba zabo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:25
11 Referans Kwoze  

AbakwaBhenjamini baphuma eGibheya, babulala ngalolo lusuku abakwa-Israyeli abayizi-22 000.


Yeka ukujula kwengcebo, nokuhlakanipha, nokwazi kukaNkulunkulu! Yeka izehlulelo zakhe ezingaphenyekiyo, nezindlela zakhe ezingaqondakaliyo!


Kepha uma ukungalungi kwethu kubonakalisa ukulunga kukaNkulunkulu, pho siyakuthini na? Singasho yini ukuthi uNkulunkulu kalungile ngokuba ethululele ulaka lwakhe phezu kwethu na? Ngikhuluma njengomuntu.


Kepha ngenxa yobulukhuni bakho, nenhliziyo engaphendukiyo, uziqongelelela ulaka ngosuku lwentukuthelo nolokwambulwa kokwehlulela okuqotho kukaNkulunkulu,


Yena uphahlwe ngamafu nobumnyama, ukulunga nobulungiswa kuyisisekelo sesihlalo sakhe sobukhosi.


Impela mazingafi ngamvunye, abalungileyo nababi. Makube kude nawe ukwenza into efana naleyo. UMehluleli womhlaba wonke angakwenza kanjani okungalungile na?”


Abakwa-Israyeli basondela kwabakwaBhenjamini ngosuku lwesibili.


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


“UBhenjamini uyimpisi entwengulayo; ekuseni udla akubambileyo, kusihlwa ahlukanise akuphangileyo.”


“Israyeli, selokhu wona kusukela ezinsukwini zaseGibheya. Bahlala lapho; impi nabantu bobubi ayiyukubafica eGibheya na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite