Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 20:1 - IsiZulu 2020

1 Abantu bakwa-Israyeli baphuma kusukela kwaDani kuya eBheri Sheba, nakwaGileyadi, babuthana eMizpha kwaba ngathi ngumuntu munye, phambi kukaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yabuthana njengomuntu munye kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 20:1
35 Referans Kwoze  

UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.


ukuba kuthathwe umbuso endlini kaSawule, kumiswe isihlalo sobukhosi sikaDavide, phezu kuka-Israyeli naphezu kukaJuda, kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.”


USamuweli wabiza imbizo yabantu ukuba baye kuSimakade eMizpha.


Wonke u-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBheri Sheba wazi ukuthi uSamuweli uqinisiwe ukuba abe ngumphrofethi kaSimakade.


Abakwa-Israyeli base bethi: “Yisiphi isizwana phakathi kwezizwana zonke zakwa-Israyeli esingakhuphukanga ukuzoba yingxenye yenhlangano kaSimakade, na?” Ngokuba kwenziwe isifungo esinqala ngalabo abangakhuphukelanga kuSimakade eMizpha, esithi: “Lowo uyakubulawa.”


Kuthe ukuba abakwa-Israyeli bakuzwe lokho, yonke inhlangano yabakwa-Israyeli yabuthana eShilo ukuze balwe nabo.


Abantu base behlangana, kwangathi bamuntu munye, egcekeni elaliphambi kweSango Lamanzi. Bamtshela u-Ezra, umbhali, ukuba alethe incwadi yomthetho kaMose, uSimakade awunika u-Israyeli.


Inkosi yathi kuJowabe, umkhuzi wempi, owayenaye: “Hamba uye kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba; nibale abantu ukuze ngazi ukuthi bangaki.”


Ekuqaleni kwenyanga yesikhombisa, abantu bakwa-Israyeli sebesemizini, bahlangana bonke ngothi lwabo eJerusalema.


Bakhipha izwi lokuba kuthunyelwe umyalezo ku-Israyeli wonke, kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, ukuba beze, bazogcina iphasika likaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli eJerusalema, ngokuba babengaligcinanga ngobuningi babo ebandleni, njengokuba kulotshiwe.


UDavide wathi kuJowabe nakubaholi babantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBheri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe inani labo kimi ukuze ngazi ukuthi ungakanani.”


Zonke izinduna zempi nabantu bezwa ukuthi inkosi yaseBhabhele ibeke uGedaliya waba ngumbusi ezweni, zase ziya kuGedaliya eMizipha: u-Ishmayeli, indodana kaNethaniya, noJohanani, indodana kaKhareya, noZeraya, indodana kaThanihumethi waseNethofa, noJahazaniya, indodana yomMahakha, nabantu babo.


U-Amasa waziguqula izinhliziyo zabo bonke abantu bakwaJuda, baba muntu munye, base bethumela enkosini, bethi: “Buya wena, nazo zonke izinceku zakho.”


wambeka waba yinkosi, wabusa abakwaGileyadi, ama-Ashurimi, abaseJizreyeli, abakwa-Efrayimi abakwaBhenjamini, wabusa no-Israyeli wonke.


Abakwa-Israyeli, yonke impi, babuyela eBhethele, bakhala, behleli lapho phambi kukaSimakade, bazila ukudla ngalolo lusuku kwaze kwaba kusihlwa. Base benikela phambi kukaSimakade ngemihlatshelo yokushiswa nangemihlatshelo yokuthula.


Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”


Wonke amadoda akwa-Israyeli abuthana ukuze ahlasele umuzi, ehlangene eyimbumba.


Bonke abantu basukuma njengamuntu munye, bathi: “Sonke asiyukuphindela emathendeni ethu, akekho namunye ozakubuyela endlini yakhe.


Abaholi babo bonke abantu, bazo zonke izizwana zakwa-Israyeli, babekhona emhlanganweni wabantu bakaNkulunkulu, amabutho ahamba ngezinyawo ephethe izikhali ayeyizi-400 000.


Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


Kwase kubizwa abakwa-Amoni ukuba bahlome, bakanise kwaGileyadi; abakwa-Israyeli bahlangana, bakanisa eMizpha.


Isizwana sakwaManase sabelwa naso, ngokuba wayeyizibulo likaJosefa. UMakhiri izibulo likaManase, uyise kaGileyadi wanikwa iGileyadi neBhashani, ngokuba wayeyiqhawe.


Abozalo lukaRubeni nabolukaGadi babenemfuyo eningi kakhulu. Lapho bebona ukuthi izwe lakwaJazeri nelakwaGileyadi liyindawo enhle emfuyweni yabo,


iMizpha, iKhefira, iMosa,


iDilani, iMizpha, iJokhitheyeli,


UMose wanika uMakhiri, indodana kaManase, elakwaGileyadi, wahlala kulo.


UJeremiya wayesehamba, waya kuGedaliya, indodana ka-Ahikamu, owayeseMizpha, wahlala naye nabantu ababesele ezweni.


Kwawela phambi kukaSimakade amadoda ayizi-40 000 ayehlome ephelele alibangisa emathafeni eJerikho ukuyolwa.


Ngakho-ke abozalo lukaRubeni nabolukaGadi nengxenye yesizwana sakwaManase babuyela emakhaya, behlukana nabanye bakwa-Israyeli eShilo, eKhanani, ukuba babuyele kwaGileyadi, ezweni labo ababelidle laba yisabelo sabo njengokuyala kukaSimakade ngoMose.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


Ngicabanga ukwakhela igama likaSimakade uNkulunkulu wami indlu, njengalokhu uSimakade asho kuDavide ubaba, wathi: ‘Indodana yakho, engiyakuyibeka esihlalweni sakho sobukhosi esikhundleni sakho, yiyona eyakwakhela igama lami indlu.’


eHazari Shuwali, eBheri Sheba nasemizaneni yalo,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite