Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 2:3 - IsiZulu 2020

3 Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Ngalokho ngithi manje: Angiyikubaxosha phambi kwenu, kepha bayakuba sezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo babe lugibe kini.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngalokho nami ngathi: Angiyikubaxosha phambi kwakho; kodwa bayakuba njengameva ezinhlangothini zenu, onkulunkulu babo bayakuba lugibe kini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 2:3
11 Referans Kwoze  

yazini impela ukuthi uSimakade uNkulunkulu wenu akayukuqhubeka axoshe lezi zizwe phambi kwenu, kodwa ziyoba wugibe nonoxhaka kini, nenkalivasi ezinhlangothini zenu, nameva emehlweni enu, nize nibhubhe kuleli lizwe elihle uSimakade uNkulunkulu wenu aninike lona.


“ ‘Kepha uma ningabaxoshi abantu balelo lizwe phambi kwenu, eniyobashiya bayoba ngameva emehlweni enu nanjengezincijo ezinhlangothini zenu, bayonihlupha ezweni enihlala kulo.


Bakhonza izithombe ezibaziweyo zabezizwe, ezaphenduka zaba wugibe kubo.


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


baganwa ngamadodakazi alezi zizwe, aba ngamakhosikazi abo, amadodana abo aganwa ngamadodakazi azo, base bekhonza onkulunkulu bazo.


angiyukuphinde ngixoshe abantu phambi kwabo, noma yisiphi sesizwe kwezashiywa nguJoshuwa ekufeni kwakhe,


Qikelela ukuba ungenzi isivumelwano nabantu bezwe oya kulo, funa babe lugibe kuwe.


Abayukuhlala ezweni lakini, funa banenze none kimi, ngokuba uma nikhonza onkulunkulu bazo, bayokuba wugibe kini.”


Ngesikhathi ingelosi kaSimakade ikhuluma lawo mazwi ku-Israyeli wonkana, abantu badazuluka, bakhala.


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite