Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 2:2 - IsiZulu 2020

2 Nani-ke ningasenzi isivumelwano nezakhamuzi zakuleli lizwe. Bhidlizani ama-althare azo.’ Kepha aniwulalelanga umyalo wami. Bonani enikwenzileyo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 kepha aniyikwenza sivumelwano nabakhe kuleli zwe; niyakudiliza ama-altare abo.’ Kodwa anililalelanga izwi lami. Nenzeleni lokho na?

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Aniyikwenza isivumelwano nabakhileyo kuleli zwe; niyakuwadiliza ama-altare abo, kepha anililalelanga izwi lami. Kungani wenze lokho?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 2:2
29 Referans Kwoze  

Usheshelani kangaka ukuguqula indlela yakho na? NeGibhithe lizokujabhisa njengalokhu wajabhiswa yi-Asiriya.


Usho kanje uSimakade, uthi: “Bubi buni oyihlo ababufumana kimi, ukuba baze badede babe kude nami, balandele okuyize, baphenduke ize nabo na?


Ngakho-ke uzuzeni ngokuya eGibhithe uphuze amanzi eShihori na? Uzuzeni ngokuya e-Asiriya, ukuba uphuze amanzi omfula na?


Intukuthelo kaSimakade yamvuthela u-Israyeli, wathi: “Ngenxa yokuba laba bantu basephulile isivumelwano sami engabayala ngaso okhokho babo, futhi abalalelanga izwi lami,


Uyakuziqeda nya zonke izizwe uSimakade uNkulunkulu wakho ayakuzinikela kuwe; iso lakho aliyukuzihawukela, awuyukubakhonza onkulunkulu bazo, ngokuba lokho kuyakuba lugibe kuwe.


UMose wathi ku-Aroni: “Benzeni kuwe laba bantu ukuba ubehlisele isono esingaka na?”


Wathi kuye: “Ukwenzeleni lokho na? Igazi lomnawakho liyakhala kimi lisemhlabathini!


Manje sekuyisikhathi sokuba ukwehlulela kuqale endlini kaNkulunkulu, kepha uma kuqala kithi, siyakubanjani isiphetho salabo abangalilaleli ivangeli likaNkulunkulu na?


iselangabini lomlilo, ukuba ijezise labo abangamaziyo uNkulunkulu nabangalilaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu.


uSimakade wathumela umphrofethi kwabakwa-Israyeli, wathi kubo: “Usho kanje uSimakade, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Nganikhuphula eGibhithe, nganikhipha endlini yobugqila;


UFaro wayesebiza u-Abhrama wathi kuye: “Yini le nto oyenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na?


Kepha abakwa-Israyeli bathi kumaHivi: “Mhlawumbe nje nihlala phakathi kwethu; singasenza kanjani-ke isivumelwano nani, na?”


ngathi kini: “NginguSimakade uNkulunkulu wenu, aniyukukhonza onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni lawo,” kodwa anilalelanga izwi lami.’ ”


UGideyoni wenza ingubo yamahlombe, wayibeka emzini wakhe e-Ofira, bonke abakwa-Israyeli baphinga nayo lapho, yaba wugibe kuGideyoni nabomndeni wakhe.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite