Lapho indoda nesancinza sayo, nenceku yayo, besukuma ukuba bahambe, umukhwe wayo, uyise wentombi wathi kuyo: “Bheka, ilanga seliyashona, sekuzakuhwalala; ake nilale lapha ngalobu busuku. Uyabona ilanga seliyashona. Hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke ngovivi kusasa ningene indlela, nibuyele ekhaya.”