Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:23 - IsiZulu 2020

23 Ikhehla, umninindlu laphumela kubo, lathi: “Qha, bafowethu, ningabenzi lobu bubi obungaka. Njengoba le ndoda ingenise endlini yami, ningabenzi lobu buwula obuyihlazo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Indoda, umninindlu, yaphumela kubo, yathi kubo: “Qha, bazalwane bami, ningenzi okubi okungaka; bhekani ukuthi le ndoda ingene endlini yami, ningenzi lobu buwula.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:23
7 Referans Kwoze  

UThamari wathi kuye: “Qha, mnewethu, ungangiphoqi; akwenziwa lokhu kwa-Israyeli. Ungalokothi wenze lobu buwula.


Ngasithatha isancinza sami, ngasinquma izinqamu, ngazithumela ezifundeni zonke eziyifa lakwa-Israyeli, ngokuba izakhamuzi zenze ububi nobuwula obuyihlazo kwa-Israyeli.


Amadodana kaJakobe ayefika nje evela ekwaluseni lapho ezwa ngaleso sigameko, ashaqeka, awotha ubomvu, ngokuba wayenze ichilo kwa-Israyeli ngokungcolisa indodakazi kaJakobe, okwakuyinto eyayingafanele neze ukwenziwa.


Kuyothi umuntu oyotholakala enokuqalekisiweyo, ashiswe ngomlilo nakho konke anakho, ngokuba esephulile isivumelwano sikaSimakade, nangokuba enze into embi kakhulu kwa-Israyeli.’ ”


bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.


Lalelani lapha, nginamadodakazi amabili aseyizintombi; ngivumeleni ngininikeze wona nizibonele. Inqobo nje uma ningezukuwathinta lawa madoda angenise kwami ngokuba kuyisibopho sami ukuwavikela.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite