Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:18 - IsiZulu 2020

18 Indoda yaphendula yathi: “Siyedlula, sivela eBhethlehema kwaJuda, siya endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, lapho ngingowakhona. Bengiye eBhethlehema kwaJuda, manje sengibuyela endlini kaSimakade. Akukho muntu ongingenisile kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Wathi kuye: “Siyasuka eBetlehema Juda siya eceleni kwentaba yakwa-Efrayimi; Ngasuka lapho, ngaya eBetlehema Juda, kepha manje ngiya endlini kaJehova; futhi kakho ongamukela endlini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:18
12 Referans Kwoze  

Bazimisela isithombe esibaziweyo esasenziwe nguMikha, ngaso sonke isikhathi indlu kaNkunkulu iseseShilo.


Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune. Lawo magatsha bayawabutha, bawaphonse emlilweni, ashe.


Ungangilahli kanye nezoni, nomphefumulo wami kanye nabantu abalambele igazi,


U-Elikhana wayenza kanjalo minyaka yonke, uma enyukele endlini kaSimakade. UPhenina wayemchukuluza njalo uHana, ngakho-ke wakhala, akaze adla lutho.


Lowo muntu wayesuka emzini wakhe minyaka yonke akhuphukele ukuyokhonza nokuhlabela uSimakade Wamabandla eShilo. Bheka, lapho eShilo kwakuhlala amadodana amabili omphristi u-Eli, uHofini noFinehasi, nawo engabaphristi bakaSimakade.


Abakwa-Israyeli baqhubeka, benyukela eBhethele, lapho babuza khona kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani phakathi kwethu ozokhuphuka kuqala ukuba alwe nabakwaBhenjamini na?” USimakade wathi: “NguJuda ozokhuphuka kuqala.”


Ngosuku lwesine bavuka kusempondozankomo ukuze umkhwenyana ahambe, kodwa uyise wentombi wathi kuye: “Misa insika ngocezu lwesinkwa, emveni kwalokho ningahamba.”


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Kwakukhona insizwa eBhethlehema kwaJuda, ingeyesizwana sakwaJuda. YayingumLevi, igogobele lapho.


Lapho leli khehla liphakamisa amehlo, labona isihambi sihleli esigcawini somuzi, lathi: “Uyaphi, futhi uvelaphi, na?”


Sinabo utshani nefolishi lezimbongolo zethu; nginezinkwa newayini okungokwami nencekukazi yakho nensizwa nezinceku zakho. Asiswele lutho.”


Unyawo lwakho malungavami endlini yomakhelwane wakho, funa adinwe nguwe, bese ekuzonda.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite