Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:17 - IsiZulu 2020

17 Lapho leli khehla liphakamisa amehlo, labona isihambi sihleli esigcawini somuzi, lathi: “Uyaphi, futhi uvelaphi, na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Ephakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; lathi ixhegu: Uyaphi na? kanti ungowaphi?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:17
7 Referans Kwoze  

Wathi kumholi womhlambi wokuqala: “Lapho uhlangana nomnewethu u-Esawu, bese ekubuza ethi: ‘Ungokabani wena na? Ulibangisephi? Ungokabani lo mhlambi ophambi kwakho na?’


Yathi kuye: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi, futhi ulibangisephi na?” Waphendula wathi: “Ngibalekela inkosikazi uSarayi.”


Kusihlwa kwaqhamuka ikhehla livela emsebenzini walo ensimini. Lelo khehla lalidabuka kwelezintaba kwa-Efrayimi, kodwa lase ligogobele eGibheya. Abantu bakule ndawo kwakungabakwaBhenjamini.


Indoda yaphendula yathi: “Siyedlula, sivela eBhethlehema kwaJuda, siya endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, lapho ngingowakhona. Bengiye eBhethlehema kwaJuda, manje sengibuyela endlini kaSimakade. Akukho muntu ongingenisile kwakhe.


“Kwafika isihambi endodeni ecebileyo, yayeka ukuthatha ezimvini nasezinkomeni zayo ukulungisela leso sihambi esasiyivakashele, kepha yathatha ixhukazana lendoda empofu, yalilungisela isihambi.”


Kukhala ibhungane emigwaqweni, izihambi azisabonwa ezindleleni. Isivumelwano sichithiwe, imizi kayisanakiwe, nokuphila komuntu akushaywa mkhuba.


Themba lika-Israyeli, msindisi wakhe ngesikhathi sokuhlupheka; kungani unjengomfokazi ezweni, nanjengesihambi esingenise ukufihla ikhanda busuku bunye na?


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite