Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 19:16 - IsiZulu 2020

16 Kusihlwa kwaqhamuka ikhehla livela emsebenzini walo ensimini. Lelo khehla lalidabuka kwelezintaba kwa-Efrayimi, kodwa lase ligogobele eGibheya. Abantu bakule ndawo kwakungabakwaBhenjamini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo kusihlwa livela ensimini, nalo livela ezintabeni zakwa-Efrayimi; wagogobala eGibeya, kepha abantu baleyo ndawo babengabakwaBenjamini.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 19:16
16 Referans Kwoze  

Kube sekuphuma umuntu, aye emsebenzini wakhe nasemshikashikeni wakhe, kuze kuhlwe.


Ngalezo zinsuku, kwakungekho nkosi kwa-Israyeli. Kwasuka umLevi othile owayegogobele endaweni ekude kwelezintaba kwa-Efrayimi, wazithathela isancinza eBhethlehema kwaJuda.


Ngokuba nangesikhathi sisenani, saniyala ngalokhu, sathi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”


Owebayo makangabe eseba, kepha kunalokho makakhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe notho alwabela ontulayo.


Kumnandi ukulala kosebenzayo, noma ngabe udle kakhulu, noma udle kancane, kodwa ubuningi bengcebo buyamqwashisa ocebileyo.


Ngazinikela ngenhliziyo yami yonke ukufuna nokucwaninga ngokuhlakanipha yonke into eyenziwa phansi komthunzi welanga. Kungumsebenzi okhathazayo uNkulunkulu awunikeze abantu ukuba babe matasatasa ngawo.


Qeda umsebenzi wakho ngaphandle, uzilungiselele wona ensimini yakho, emveni kwalokho yakha indlu yakho.


Wonke umshikashika unenzuzo, kepha amazwi omlomo abanga ukuswela kuphela.


Ingcebo etholakala kalula iyancipha, kepha eqongelelwa kancane, kancane, iyanda.


Uyakudla okwezikhwepha zakho, ubusiseke, ube nempumelelo.


Base bedlula, baqhubeka nohambo lwabo, ilanga labashonela beseduze neGibheya kwaBhenjamini.


Uyokujulukela ukudla oyokudla, uze ubuyele emhlabathini owathathwa kuwo, njengoba uwuthuli, uyobuyela othulini.”


Baphambuka ukuba bangene, balale eGibheya. Wangena wayohlala esigcawini somuzi, kodwa abangeniswanga muntu ukuba balale.


Lapho leli khehla liphakamisa amehlo, labona isihambi sihleli esigcawini somuzi, lathi: “Uyaphi, futhi uvelaphi, na?”


Sebeshone shi enkohlakalweni njengasezinsukwini zaseGibheya; uyakukhumbula iziphambeko zabo, abajezisele izono zabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite