Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:30 - IsiZulu 2020

30 AbakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo. UJonathani, indodana kaGerishomi, indodana kaManase namadodana akhe, babengabaphristi besizwana sakwaDani, kwaze kwaba lusuku izwe elathunjwa ngalo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

30 Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani, indodana kaGereshomu, indodana kaManase, yena namadodana akhe baba ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwafika usuku lokuthunjwa kwezwe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:30
20 Referans Kwoze  

Leyo ndoda enguMikha yayinendlu enonkulunkulu, yenza ingubo yamahlombe netherafimi, yabeka enye yamadodana ayo ukuba ibe ngumphristi wayo.


Wazibuyisela kunina izinhlamvu zakhe zesiliva eziyi-1 100; unina wathi: “Leli siliva elisesandleni sami ngiyalingcwelisa kuSimakade ukuze indodana yami yenze isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, ngakho-ke manje ngilibuyisela kuwe.”


Abakwa-Israyeli babuye benza okubi emehlweni kaSimakade; uSimakade wabanikela esandleni samaFilisti iminyaka engama-40.


Wazala indodana wayibiza ngokuthi nguGereshomu, ngokuba ethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe.”


Ngiyazi ukuthi uma sengifile niyokona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo. Ngezinsuku ezizayo niyokwehlelwa ngububi, ngokuba niyokwenza okubi emehlweni kaSimakade, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”


USimakade wathi kuMose: “Bheka, usuzoyolala noyihlomkhulu; laba bantu bayakusuka, bayophinga nonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bayakungishiya, basaphule isivumelwano engisenze nabo.


“ ‘Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuSimakade, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise esithe.’ “Bonke abantu bayothi: ‘Amen.’


“ ‘Aniyukuzenzela onkulunkulu abangasho lutho, aniyukuzimisela izinsika, aniyukuzibekela itshe elingumfanekiso ezweni lakini, ukuba nikukhothamele; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


Ungazenzeli isithombe esibaziweyo, sanoma yini olusezulwini phezulu, noma olusemhlabeni phansi, noma olusemanzini phansi komhlaba.


namadodana akhe amabili, igama lenye kwakunguGereshomu, ngokuba wayethi: “Ngingumfokazi ezweni labezizwe,”


Ngezinsuku zenkosi uPheka kwa-Israyeli, uThigilathi Phileseri, inkosi yase-Asiriya, wahlasela, wadla i-Ijoni, i-Abhela Bhethi Mahakha, iJanowa, iKedeshi, iHazori, iGileyadi, iGalile nalo lonke izwe lakwaNafethali, wabathumba, wabayisa e-Asiriya.


Yingakho nje uSimakade wamthukuthelela kakhulu u-Israyeli, wamsusa phambi kwakhe, akwaze kwasala muntu, ngaphandle kwesizwe sakwaJuda kuphela.


USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


Abantu bakwa-Israyeli benza zonke izono zikaJerobhowamu, abaze basuka kuzo.


USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite