Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:3 - IsiZulu 2020

3 Esesendlini kaMikha ezwa izwi elijwayelekile lensizwa engumLevi, ayesephambukela kuyo, ayibuza athi: “Ngubani okulethe lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Lapha besengasendlini kaMika, balazi izwi lensizwa engumLevi, baphambukela khona, bathi kuye: “Walethwa ngubani lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Sebesendlini kaMika balazi izwi lensizwa engumLevi; bangena khona, bathi kuye: “Ulethwe ngubani lapha na?” kanti wenzani kulendawo? futhi unani lapha?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:3
6 Referans Kwoze  

Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.”


‘Wenzani lapha? Unobani lapha ohlobene naye, ukuze uziqophele ithuna lapha, uziqophele ithuna endaweni ephakeme, uzisikele indawo yokuhlala edwaleni?’


bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.


UJakobe wasondela kuyise, wamthinta, wayesethi: “Izwi ngelikaJakobe, kodwa izandla ngezika-Esawu.”


Abozalo lukaDani bathumela amaqhawe amahlanu emele yonke imindeni yabo, kusukela eZora nase-Eshithawoli, ukuba ayohlola izwe, bathi kuwo: “Hambani nihlole izwe.” Lapho efika kwelezintaba kwa-Efrayimi, endlini kaMikha, ahlala lapho.


Yathi kuwo: “UMikha ungenzele lokhu nalokhu, wangiqasha, futhi sengaba ngumphristi wakhe.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite