Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:28 - IsiZulu 2020

28 Kwakungekho owayengabakhulula ngokuba babekude neSidoni, futhi bengazihlanganisile nabanye abantu. Umuzi wawusesigodini iBhethi Rehobhi. Bawakha kabusha lowo muzi, bahlala kuwo.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kwakungekho msindisi, ngokuba kwakukude neSidoni, bengahlangene namuntu; kwakusesigodini esingaseBetrehobe. Bakha umuzi, bahlala kuwo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:28
14 Referans Kwoze  

Abakwa-Amoni babona ukuthi bazenze isinengiso kuDavide, base bethumela, baqasha ama-Aramu aseBhethi Rehobhe nama-Aramu aseZobha, imigundatshani eyizi-20 000, nenkosi yaseMahakha nabantu bayo abayinkulungwane, namadoda aseThobhi ayizi-12 000.


Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.


Bahamba-ke, balihlola izwe kusukela ehlane iSini kuze kube seRehobhe ngasekungeneni eHamathi.


Wathi: “Awusayukujabula wena ntombi ethelwe ngehlazo, ndodakazi yaseSidoni; vuka, uwelele eKhithimi, nalapho awuyukukuthola ukuphumula.”


Yiba nezinhloni wena Sidoni, ngokuba ulwandle lukhulumile, inqaba yolwandle, ithi: “Angisikwanga, angibelethanga, angikhulisanga nsizwa, angondlanga ntombi.”


“Nina enikhohlwa nguNkulunkulu, kuqapheleni lokho, funa nginidwengudwengule, kungabi bikho onisindisayo.


funa bangidwengule njengengonyama, bangidweshule kungekho ongikhululayo.


Incekukazi yakho yayinamadodana amabili; alwa odwa endle kungekho ongawalamula, kepha enye yashaya enye, yayibulala.


Ngalezo zinsuku kwakungenankosi kwa-Israyeli. Ngaleyo mihla futhi isizwana sakwaDani sazifunela enye indawo yokuhlala, ngokuba kuze kube yileso sikhathi sasingabelwanga indawo phakathi kwezizwana zakwa-Israyeli.


USimakade wabanikela esandleni sabakwa-Israyeli, babathela othulini, babahubha kwaze kwaba seSidoni Elikhulu, naseMisirefothi Mayimi, nasesigodini eMizpha ngasempumalanga, bababulala, akwaze kwasala namunye.


Bawubiza ngokuthi kukwaDani, bawubiza ngegama likakhokho wabo uDani, owayezalwa ngu-Israyeli; umuzi owawubizwa phambilini ngokuthi yiLayishi.


e-Ebhironi, eRehobhi, eHamoni, eKhana, uze uyofika eSidoni Elikhulu,


Bafika kwaGileyadi, naseThahethimi Hodeshi, bedlulela kwaDani Jahani. Basuka lapho baya naseSidoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite