Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 18:10 - IsiZulu 2020

10 Uma nihamba, niyofica abantu abangaxwaye lutho. Izwe libanzi, uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho kungasweleke lutho lwasemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Uma nihamba niyofika kubantu abalondekile nasezweni elikhulu, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu; indawo lapho okungekho lutho okungekho emhlabeni.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 18:10
14 Referans Kwoze  

Bathatha okwakwenziwe nguMikha nomphristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula, belondekile, bababulala ngenkemba, bashisa nomuzi ngomlilo.


Amadoda amahlanu aqhubeka nohambo, kwathi lapho efika eLayishi, abona ukuthi abantu abalapho bahleli ngokuvikeleka, njengamaSidoniya, banokuthula, abaxwaye lutho, akukho lutho ezweni olwalungabajabhisa, futhi bacebile. Ngaphezu kwalokho babehlala kude namaSidoniya, futhi bengazihlanganise namuntu.


Bayale abacebileyo kuleli lizwe lamanje ukuba bangazikhukhumezi, bangathembeli engcebeni ephelayo, kodwa bathembele kuNkulunkulu osipha konke, ukuba sithokoze ngakho.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Lapho sekungokwesikhombisa, abaphristi sebewashayile amacilongo, uJoshuwa wathi kubantu: “Memezani kakhulu, ngokuba uSimakade uwunikele kini lo muzi.


“Manje-ke, Israyeli, yizwani izimiso nezehlulelo enginifundisa zona ukuba nizenze, ukuze niphile, ningene, nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu aninika lona.


njengalokhu kwenza kimi abozalo luka-Esawu abahlala eSeyiri nabakwaMowabi abahlala e-Ari, ngize ngiwele iJordani, ngingene ezweni uSimakade uNkulunkulu wethu asinika lona.’


Ngehlile ukuzobakhulula esandleni sabaseGibhithe, nokubakhuphula kuleli lizwe, ngibayise ezweni elihle nelibanzi, izwe elichichima ubisi noju, izwe lamaKhanani, amaHithi, ama-Amori, amaPherizi, amaHivi, namaJebusi.


Athi: “Sukumani, senyuke, sibahlasele, ngokuba silibonile izwe ukuthi lihle kakhulu. Ningenqeni, ningahuduli izinyawo, kodwa ngenani nilidle.


Kwaphuma amadoda angama-600 esizwana sakwaDani, eZora nase-Eshithawoli, ehlome ngezikhali zokulwa.


Lawo madoda amabili ehla kwelezintaba, awela afika kuJoshuwa, indodana kaNuni, amtshela konke okuwehleleyo.


Athi kuJoshuwa: “Ngempela, uSimakade ulinikele lonke izwe ezandleni zethu; ngaphezu kwalokho zonke izakhamuzi zezwe ziyagedezela wuvalo lokusesaba.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite