Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:4 - IsiZulu 2020

4 Emveni kwalokho wathanda owesifazane wasesigodini iSoreki, igama lakhe kunguDelila.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Kwathi ngasemuva wathanda owesifazane esiGodini saseSoreki ogama lakhe lalinguDelila.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Emva kwalokho wathanda owesifazane esigodini saseSoreki, ogama lakhe lalinguDelila.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:4
9 Referans Kwoze  

Lezo zinto zenzeka ukuze zibe yisibonelo kithi, ukuze singafisi okubi, njengokuba bona bakufisa.


Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo; oqalekiswe nguSimakade, uyakuwela kuwo.


Noma ungasigqula esigqulweni isiwula, usisile ngembokodo etsheni, kepha ubuwula baso abuyukusuka kuso.


Njengenja ebuyela ebuhlanzweni bayo, kanjalo isiwula siphinda ubuwula baso.


Ngokuba isifebe singumgodi ojulileyo, nowesifazane ondindayo uligodi eliminyeneyo.


USolomoni, inkosi yakwa-Israyeli, akonanga yini ngenxa yabesifazane na? Phakathi kwezizwe eziningi, ayikho inkosi eyayifana naye. Nanxa uNkulunkulu ayemthanda waze wambeka inkosi ka-Israyeli, wadukiswa ngamakhosikazi akhe abezizwe.


Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane bezizwe abaningi nendodakazi kaFaro, abesifazane bakwaMowabi, bakwa-Amoni, bakwa-Edomi, bamaSidoni nabamaHithi.


USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili, wavuka phakathi kobusuku wabamba iminyango yesango lomuzi nezinsika zalo zombili, wakubhoncula nomgoqo, wakuthwala emahlombe akhe, wenyukela nakho esicongweni sentaba eyayiphambi kweHebhroni.


Amakhosi amaFilisti akhuphukela kuye, athi: “Yenga uSamsoni, uthole ukuthi yini amandla akhe emakhulu kangaka, nokuthi singamehlula kanjani ukuze simbophe, simnqobe; siyakukunika ngamunye izinhlamvu zesiliva eziyi-1 100.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite