Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 16:12 - IsiZulu 2020

12 UDelila wayesethatha izintambo ezintsha wambopha ngazo, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini elingaphakathi. Wazigqabula izintambo ezingalweni zakhe kwangathi umucu kakotini.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 UDelila wayesethatha izintambo ezintsha, wambopha ngazo, wathi kuye: “AmaFilisti akuhaqa, Samsoni; Futhi kwakukhona amanga ayehlala ekamelweni. Wawaklebhula ezingalweni zakhe njengocu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 16:12
4 Referans Kwoze  

Wathi kuye: “Uma bengibopha ngezintambo ezintsha ezingakaze zisetshenziswe, khona ngiyoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”


UDelila wathi kuSamsoni: “Kuze kube manje usahlekisa ngami, futhi ungitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa kanjani, na?” USamsoni wathi kuye: “Uma ungeluka amagoda ayisikhombisa ekhanda, uwahlanganisa nezintambo eziphothiwe, uwabethele esikhonkwaneni, ngizoba ntekenteke, ngifane nawo wonke umuntu.”


Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.


Yayisisondela induna yenkulungwane, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yayisibuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite