Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 15:19 - IsiZulu 2020

19 UNkulunkulu wavula umgodi eLehi, kwaphuma amanzi kuwo. Esephuzile abuya amandla akhe, wavuseleleka. Ngakho-ke leyo ndawo yabizwa ngokuthi yi-Eni Hakhore, isekhona eLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Kodwa uNkulunkulu wadabula isigoxi esiseLehi, kwaphuma amanzi kuso; lapho esephuzile, umoya wakhe wabuya, wahlumeleleka; ngalokho igama laso labizwa ngokuthi i-Eni Hakore eliseLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kodwa uNkulunkulu wadabula igodi elisemhlathini, kwaphuma amanzi kuyo; kwathi esephuzile, umoya wakhe wabuya, waphila; ngalokho waqamba igama layo ngokuthi i-Eni-Hakore, eseLehi kuze kube namuhla.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 15:19
16 Referans Kwoze  

Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo, nezikhukhula phezu kokomileyo, ngiyakuthulula uMoya wami phezu kwabantwana bakho, nesibusiso sami phezu kwezizukulwane zakho;


Bamlandisa konke okwakukhulunywe nguJosefa kubo, futhi wabona nezinqola ayezikhiphile ukuba zizomlanda. Waqala uJakobe ukuvuseleleka emoyeni.


Nasi isihlupheki esakhala uSimakade wasilalela, wasisindisa kuzo zonke izinhlupheko esasikuzo.


Nguye opha oyethileyo amandla, andise izikhwepha kongenamandla.


Phakamiselani amehlo enu phezulu, nibone. Ngubani odale lezo zinto na? Nguye okhipha amaviyo azo, awabale; azibize zonke ngamagama. Ngokuba unamandla amakhulu nezikhwepha zakhe zinkulu, yingakho kungasilele neyodwa.


Ekuhluphekeni kwami ngakhala kuSimakade, wangiphendula.


Bamnika ucezu lwesigaxa samakhiwane, nezigaxa ezimbili zamagilebhisi omisiwe, wadla, ayesebuyela kuye amandla akhe, lokhu wayengakaze adle sinkwa noma aphuze manzi izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


UMose wakha i-althare, waliqamba ngokuthi: “uSimakade Nisi”.


ngokuba ngingakafiki wawunemfuyo encane, kodwa selokhu ngafika imfuyo yakho isiyande kakhulu, futhi uSimakade ukubusisile noma kuphi lapho bengiya ngakhona; kodwa manje ngizoyisebenzela nini mina indlu yami na?”


Wayiqamba leyo ndawo ngokuthi yiBhethele, kodwa ekuqaleni igama lalowo muzi lalaziwa ngokuthi yiLuzi.


UHagari wayesembiza uSimakade owayekhulume naye wathi: “Ungu-Eli Royi,” ngokuba wathi: “Ngabe ngimbonile yini, ongibonayo na?”


UMose waphakamisa isandla sakhe, walishaya kabili idwala ngentonga yakhe, kwaphuma amanzi amaningi, yaphuza inhlangano nemfuyo yayo.


AmaFilisti abe esenyuka ayokanisa kwaJuda, asatshalaliswa eLehi.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


Iyakuphuza emfuleni ngasendleleni, ngalokho-ke iyakunqoba.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite