Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 15:15 - IsiZulu 2020

15 Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Wafumana umhlathi wembongolo osemusha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo abantu abayinkulungwane.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Wafumana umhlathi wembongolo entsha, welula isandla sakhe, wawuthatha, wabulala ngawo inkulungwane yamadoda.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 15:15
14 Referans Kwoze  

Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Abayisihlanu kini bayakuxosha abayikhulu, abayikhulu kini baxoshe abayizi-10 000, izitha zenu ziyakuwa ngenkemba phambi kwenu.


Emva kwakhe kwalandela uShamgari, indodana ka-Anathi, owabulala amaFilisti angama-600 ngomcijo wokuhlokoloza izinkomo. Naye futhi wamkhulula u-Israyeli.


Kuleso sehlakalo sokuqala sokubulawa kwabantu uJonathani nodibi lwakhe babulala abantu abangama-20 ebangeni elingathi liyingxenye ye-ekha lensimu.


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Emveni kokuba amadoda angama-300 esewehlukanise amaviyo amathathu, wawanikeza amacilongo ezandleni zawo, nezitsha ezingenalutho nezihlonti phakathi ezitsheni.


Kodwa uJayeli, umkaHebhere, wathatha ngesandla sakhe isikhonkwane sethende nesando, wanyonyoba waya kuye esazunywe ngubuthongo, wasiphisela isikhonkwane enhlafunweni saze saphumela emhlabathini. Wayezunywe ngobukhulu ubuthongo, ekhathele. Wafa kanjalo-ke uSisera.


bacima amandla omlilo, baphunyuka enkembeni, baphiwa amandla ebuthakathakeni, baba yiziqhwaga empini, baxosha izimpi zabezizwe.


USamsoni wathi: “Ngomhlathi wembongolo, yebo, ngomhlathi wembongolo, ngibulele amadoda ayinkulungwane.”


Eseqedile ukukhuluma, wawulahla umhlathi wembongolo, leyo ndawo yabizwa ngokuthi yiRamathi Lehi.


Niyakuxosha izitha zenu, ziwe ngenkemba phambi kwenu.


Nanka amagama amaqhawe kaDavide: uJoshebhi Bhashebhethi waseThakhemoni, owayeyinhloko yabathathu. Nguye owaphakamisa umkhonto wakhe, wabulala abantu abangama-800 ngasikhathi sinye.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite