Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 15:14 - IsiZulu 2020

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti eza ukuzomhlangabeza ememeza; uMoya kaSimakade wehlela kuye, izintambo ezazisezingalweni zakhe zancibilikisa okwefilakisi lishiswa ngumlilo, izibopho ezazisezandleni zakhe zancibilika zasuka ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti amhlangabeza ekhamuluka; uMoya kaJehova wafika kuye ngamandla, izintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi* elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zancibilika, zasuka ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Lapho efika eLehi, amaFilisti amemeza ngokumelene naye, futhi uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe ngamandla, nezintambo ezazisezingalweni zakhe zaba njengefilakisi elishiswe ngomlilo, nezibopho zakhe zagqashuka ezandleni zakhe.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 15:14
22 Referans Kwoze  

UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


Zingiphahlile, yebo, zingizungezile; egameni likaSimakade ngizozibhubhisa.


Ngaphuma ngakulandela, ngakubulala, ngayihlenga imvu emlonyeni wakho. Kuthe lapho kungivukela ngakubamba ngedevu ngakushaya phansi, ngakubulala.


Esekuzwile lokho uSawule, uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule; wathukuthela wagana unwabu.


UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe, wabehlulela abakwa-Israyeli; waphuma waya empini, uSimakade wayinikela esandleni sakhe inkosi uKhushani Rishathayimi yase-Aramu, wamehlula uKhushani Rishathayimi.


Yebo, ngiyakunxusa nawe mhlobo wami oqotho, ukuba ubalekelele labo besifazane, ngokuba bahlanganyela nami evangelini, benoKlemente nezinye izisebenzi zami, amagama azo alotshiwe encwadini yokuphila.


Yayisithi kimi: “Lokhu yizwi likaSimakade eliqondiswe kuZerubhabhele elithi: ‘Kungabi ngempi, kungabi ngamandla, kodwa kube ngoMoya wami kuphela,’ kusho uSimakade Wamabandla.


Sitha sami, ungasini ngethambo lami; ngokuba uma ngiwile, ngiyakuvuka; lapho ngihlezi ebumnyameni, uSimakade uyakuba ngukukhanya kwami.


Uqeqesha izandla zami, ukuze ngikwazi ukulwa; izingalo zami zibe namandla okugobisa umnsalo wethusi.


ukuthi ukujabula kwezikhohlakali kufushane, nokuthokoza kwabangenankulunkulu kungokomzuzwana nje na?


Kwathi lapho umphongolo wesivumelwano sikaSimakade ufika enkanjini, u-Israyeli wonke wakhamuluka ngezwi elikhulu, kwaze kwazamazama umhlaba.


Lapho abantu bembona uSamsoni bamdumisa unkulunkulu wabo, bathi: “Unkulunkulu wethu unikele isitha sethu esandleni sethu, umchithi wezwe lakithi, nobulale abaningi bakithi.”


UDelila wayesethatha izintambo ezintsha wambopha ngazo, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini elingaphakathi. Wazigqabula izintambo ezingalweni zakhe kwangathi umucu kakotini.


Amadoda ayesophe ukumbulala ayesegumbini lakhe elingaphakathi, elinde khona, wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni!” Kepha wazigqabula kalula nje izintambo kwangathi umucu kahalibhoma lapho ushiswa ngumlilo. Ngakho-ke imfihlo yamandla akhe ayaziwanga.


‘Bayitholile, futhi ababelani impango, na? Intombi, yebo, izintombi ezimbili endodeni; impango yezinto ezidayiwe kuSisera, impango yezinto ezidayiwe zahlotshiswa, iziqephu ezimbili zomsebenzi oyimpango odayiwe wahlotshiswa, ongowentamo yami.’


Yabikelwa inkosi yaseGibhithe ukuthi abantu babalekile. UFaro nezinceku zakhe baguqula umqondo mayelana nabantu, bathi: “Yini le esiyenzileyo ukuba sikhulule abakwa-Israyeli bangabe besasisebenzela na?”


UFaro uyakuthi ngabantu bakwa-Israyeli: ‘Bayazulazula bedidekile ezweni, ihlane libavalele.’


Athi kuye: “Qha, sizokubopha nje kuphela, bese sikunikela esandleni sawo, asizukukubulala thina.” Ambopha ngezintambo ezimbili ezintsha, amkhipha edwaleni.


AmaFilisti abe esenyuka ayokanisa kwaJuda, asatshalaliswa eLehi.


UMoya kaSimakade uyokwehlela phezu kwakho, uphrofethe kanye nabo, uphenduke omunye umuntu.


Kuthe ukuba bafike entabeni, kweza iviyo labaphrofethi ukuzohlangana naye; uMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kwakhe, waphrofetha ephakathi kwabo.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite