Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 14:3 - IsiZulu 2020

3 Abazali bakhe bathi kuye: “Akukho ntombi yini phakathi kwezihlobo zakho noma phakathi kwabantu bakithi bonke, ukuba usungahamba uyothatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” Kodwa uSamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngoba ngiyamthanda.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Uyise nonina base bethi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu noma phakathi kwabo bonke abantu bami, ukuze uye kuthatha umfazi kumaFilisti angasokile, na?” USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yena, ngokuba uyathandeka kimi.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Uyise nonina bathi kuye: “Akakho yini owesifazane phakathi kwamadodakazi abafowenu naphakathi kwabantu bonke bami ukuba uthathe umfazi kumaFilisti angasokile na? USamsoni wathi kuyise: “Ngithathele yona; ngoba uyangijabulisa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 14:3
15 Referans Kwoze  

Inceku yakho yehlula ingonyama nebhele, nalo mFilisti ongasokile uyakuba njengenye yalokho, ngokuba weyise impi kaNkulunkulu ophilayo.”


Ngaleso sikhathi wayesomile kakhulu, wakhala kuSimakade wathi: “Wenze lokhu kukhululwa okukhulu ngesandla senceku yakho. Sengizakufa yini ukoma bese ngiwela ezandleni zabangasokile, na?”


“Ningakusho eGathi, ningakumemezeli emigwaqweni e-Ashikeloni, funa amadodakazi amaFilisti ajabule, namadodakazi abangasokile athokoze.


USawule wathi odibini lwakhe: “Hosha inkemba yakho, ungigwaze ngayo, funa abangasokile bafike bangigwaze, bangijivaze.” Kepha udibi lwakhe lwenqaba, ngoba lwesaba kakhulu. USawule wayesethatha inkemba yakhe, waziphonsa phezu kwayo.


UDavide wakhuluma kubantu ababemi naye, wathi: “Uyokwenzelwani umuntu oyobulala lowo mFilisti, asuse ihlazo kwa-Israyeli na? Ungubani nje lowo mFilisti ongasokile ukuba ayeyise kanje impi kaNkulunkulu ophilayo?”


UJonathani wathi odibini lwakhe: “Woza siwelele ngaphesheya, siye ebuthweni labangasokile, mhlawumbe uSimakade uzosisiza, ngokuba akukho okungamthiya ukuba asindise, kungaba ngabaningi noma ngabayingcosana.”


Athi kubo: “Asikwazi ukwenza into efana naleyo, yokuthatha udadewethu simendise kumuntu ongasokile, onejwabu. Lokho kuyihlazo kithi.


U-Abhrama wathi kuLothi: “Masingaxabani, ingabi bikho nengxabano phakathi kwabelusi bethu, ngoba thina siyazalana.


U-Abhrahama wathatha izimvu nezinkomo wazinika u-Abhimeleki, bobabili base benza isivumelwano.


Wayesenyuka, wabikela uyise nonina, wathi: “Ngibone owesifazane womFilisti eThimna; ngithatheleni yena abe ngumkami.”


“Ngokuba uma nihlehlela emuva, ninamathele kuleyo nsali yalezi zizwe ephakathi kwenu, niganiselane nazo, nize niganwe ngabesifazane bazo nazo ziganwe ngabenu,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite