Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 14:12 - IsiZulu 2020

12 USamsoni wathi kuzo: “Ake ngininike imfumbe, ngibone ukuthi ningangichazela yini yona ngezinsuku eziyisikhombisa zedili. Uma nikwazile ngizoninika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

12 USamsoni wathi kubo: “Ake ngininike imfumbe; uma ningitshela yona kahle ngezinsuku eziyisikhombisa zedili, niyiqandele, ngiyakuninika amayembe angamashumi amathathu nezingubo zokuphendulela ezingamashumi amathathu;

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

12 USamsoni wasesithi kubo: Sengizalinika imfumbe; uma ningangitshela lokhu ngezinsuku eziyisikhombisa zomkhosi, nikuthole, ngiyakuninika izindwangu ezingamashumi amathathu nezingubo ezingamashumi amathathu.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 14:12
22 Referans Kwoze  

“Ndodana yomuntu, banike imfumbe, ukhulume ngomfanekiso kuyo indlu yakwa-Israyeli,


Kwathi ukuba indlovukazi yaseShebha izwe imibiko ngodumo lukaSolomoni ngenxa yegama likaSimakade, yafika ukuzomvivinya ngemibuzo elukhuni.


Wabanika kwaba yilowo nalowo ingubo yokushintsha, kodwa uBhenjamini wamnika izinhlamvu zesiliva ezingama-300, nezingubo zakwanokusho ezinhlanu.


Wathi: “Sisahlezi kahle. Inkosi yami ingithumile, ukuba ngithi: ‘Manje kufike kimi izinsizwa ezimbili zivela kwelezintaba kwa-Efrayimi, emadodaneni abaphrofethi; ake uzinike ithalenta lesiliva nezingubo ezimbili zokuphendulela.’ ”


Inkosi yase-Aramu yayisithi: “Hamba uye khona; ngizakuthumela incwadi enkosini yakwa-Israyeli.” Wahamba, wathatha amathalenta esiliva alishumi nezinhlamvu zegolide eziyizi-6 000, nezingubo ezilishumi zokuphendulela.


ukuze aqonde izaga, nemizekeliso, namazwi ezihlakaniphi.


Ingcebo yenu ibolile, nezingubo zenu zidliwe yinundu.


Ngokuba manje sibona esibukweni kalufifi, kepha lapho sobukana ubuso nobuso, ngokuba manje ngazi ingxenye, kepha lapho ngiyokwaziwa ngokupheleleyo, njengokuba bengaziwa ngokupheleleyo.


Abafundi bakhe bathi kuye: “Manje-ke usukubeka ngembaba lokhu okushoyo, awusakhulumi ngemifanekeliso.


Wayesebalandisa abamenyiweyo umzekeliso, ebona beziqokela izihlalo eziphambili, wathi kubo:


Amhlubula izingubo zakhe, amembathisa ingubo ebomvu,


UJesu wakukhuluma konke lokhu ezixukwini ngemizekeliso, akukho lutho olunye ake walukhuluma kubo ngaphandle kwemizekeliso,


Yingakho-ke ngikhuluma kubo ngemizekeliso, ukuze bathi bebona, kodwa bangabonisisi; bathi bezwa, kepha bangezwisisi futhi bangaqondi.


“Ningazibekeleli ingcebo emhlabeni, lapho inokoniwa khona yinundu nokugqwala, nalapho amasela efohla khona, ebe.


Ngathi: “Maye, Nkosi Simakade! Bathi ngami: ‘Akakhulumi ngezaga nje na?’ ”


Ngizakubeka indlebe yami kuso isaga, ngiphenye imfumbe yami ngehabhu.


Ngaleso sikhathi uSolomoni wagubha umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, wonke u-Israyeli enaye, eyibandla elikhulu kakhulu, kusukela eLebo Hamathi kuze kube semfuleni eGibhithe.


Lapho abantu bembona, baletha kuye izinsizwa ezingama-30 ukuba zizomzimazisa.


Kepha uma nehluleka ukungichazela yona, niyonginika izingubo zelineni ezingama-30 nezingubo zokuphendulela ezingama-30.” Zathi kuye: “Sitshele imfumbe yakho sifuna ukuyizwa.”


Wenza izingubo zelineni, azithengise, athengisele abahwebi amabhande.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite