Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 13:16 - IsiZulu 2020

16 Ingelosi kaSimakade yathi kuManowa: “Uma ungilibazisa, angiyukukudla ukudla kwakho, kodwa uma ufuna ukulungisa umhlatshelo wokushiswa, uyakuwunikela kuSimakade.” Kwakungoba uManowa wayengazi ukuthi lona uyingelosi kaSimakade.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilibazisa, angiyikudla ukudla kwakho; uma ulungisa umnikelo wokushiswa, uyakunikela ngawo kuJehova.” Ngokuba uManowa wayengazi ukuthi uyingelosi kaJehova.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Ingelosi kaJehova yathi kuManowa: “Noma ungilonda, angiyikudla isinkwa sakho; uma nithanda ukunikela ngomnikelo wokushiswa, wonikela ngawo kuJehova. Ngoba uManowa wayengazi ukuthi wayeyingelosi kaJehova.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 13:16
5 Referans Kwoze  

Kepha umkakhe wathi kuye: “Ukuba uSimakade ubeqonde ukusibulala, ubengeke awemukele umnikelo wokushiswa nowokusanhlamvu ophuma ezandleni zethu, noma asikhombise konke lokhu, futhi ubengeke asitshele izinto ezifana nalezi.”


bese wakha i-althare likaSimakade uNkulunkulu wakho phezu kwaleyo nqaba elapho ngokuhlelekileyo, uthathe inkunzi yesibili, uyinikele njengomnikelo wokushiswa phezu kwezinkuni zensika engcwele ozakuyigawula.”


Ingelosi kaNkulunkulu yathi kuye: “Thatha inyama namaqebelengwane angenamvubelo ukubeke kuleli dwala, uthulule umhluzi.” Wenza kanjalo.


Lokhu senize naphambukela emzini wenceku yenu, manginitholele isinkwa nimise insika, niphumule, bese niqhubeka nohambo lwenu.” Amphendula athi: “Kulungile.”


Ingelosi kaSimakade ayiphindanga yabonakala futhi kuManowa nomkakhe. UManowa wayeseqonda ukuthi bekuyingelosi kaSimakade.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite