Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:6 - IsiZulu 2020

6 bese bethi kuye: yithi: “Shibholethi,” uma ethi: “Sibholethi,” ngoba engakwazi ukulibiza ngokufanele leli gama, bambambe, bambulalele emazibukweni eJordani. Kwafa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizi-42 000.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 bathi kuye: “Shono uthi: ‘Shiboleti,’ ” abesethi: “Siboleti,” ngokuba engaqaphelanga ukuliphimisa kahle; base bembamba, bambulala ngasemazibukweni aseJordani; kwawa ngaleso sikhathi abakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Base bethi kuye: “Yisho ukuthi Siboleti,” yena wathi Siboleti, ngokuba wayengenakukwazi ukulibiza kahle. Base bemthatha, bambulala ngasekuweleni kweJordani, kwawa ngaleso sikhathi kwabakwa-Efrayimi abayizinkulungwane ezingamashumi amane nambili.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:6
12 Referans Kwoze  

Kepha uma nilumana, ninephulana nodwa, qaphelani, funa niqedane.


Kepha uPhethro wabuye waphika. Emva kwesikhashana futhi labo ababemi lapho bathi kuPhethro: “Impela wena ungomunye wabo, ngokuba ungowaseGalile.”


Emva kwesikhashana, esesondele kwababemi lapho, bathi kuPhethro: “Impela nawe ungomunye wabo, udalulwa ngisho nangukukhuluma kwakho.”


UJesu ekwazi abakucabangayo, wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owehlukene wodwa uyachitheka, nalowo nalowo muzi noma yindlu eyehlukene yodwa ayiyukuma.


Kuyothi ngalolo lusuku uSimakade avuthulule emfuleni omkhulu, kuze kufike emfuleni eGibhithe, nina bantu bakwa-Israyeli niqoqwe ngamunye ngamunye.


Amazwi ohlakaniphileyo amlethela udumo, kodwa awesiwula ayasibhubhisa.


Umzalwane owoniweyo ulukhuni wedlula umuzi onamandla, nokuxabana kunjengemigoqo yenqaba.


Ukuqala kwengxabano kufana nokuvulelwa kwamanzi, ngakho-ke shiya kungakaqubuki ingxabano.


Izikhukhula mazingangisibekeli, utwa lungangigwinyi, nomgodi ungangivaleli.


Ngibisha obhukwini lodaka, akukho ndawo yokubeka unyawo, ngingene otweni ngathi shi, imisinga iyangisibekela.


AbakwaGileyadi badla amazibuko eJordani phambi kwabakwa-Efrayimi. Kwakuthi okhoselayo wakwa-Efrayimi uma ethi: “Mangiwele,” abantu abakwaGileyadi bathi: “Ungowakwa-Efrayimi, na?” Uma ethi: “Qha,”


UJeftha wehlulela u-Israyeli iminyaka eyisithupha. UJeftha, umGileyadi, wayesefa wangcwatshwa emzini kwaGileyadi.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite