Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:3 - IsiZulu 2020

3 Lapho ngibona ukuthi aningihlenganga, ngabeka impilo yami engcupheni, ngawela ngayolwa nabakwa-Amoni, uSimakade wabanikela esandleni sami. Yini-ke enenze manje nikhuphukele kimi namuhla, ukuzokulwa nami, na?”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 Nxa sengibonile ukuthi aningisindisanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukeleni kimi namuhla ukulwa nami na?”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Lapho ngibona ukuthi aningikhululanga, ngabeka ukuphila kwami esandleni sami, ngadlulela kubantwana bakwa-Amoni, uJehova wabanikela esandleni sami; ngalokho nikhuphukele kimi namuhla ukulwa nami. Mina?

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:3
11 Referans Kwoze  

Yingani ngibeka ukuphila kwami engcupheni, ngibeka impilo yami ezandleni zami na?


Owesifazane waya kuSawule, wambona ukuthi wesaba kakhulu, wayesethi kuye: “Bheka, incekukazi yakho ililalele izwi lakho, ngibekile impilo yami engcupheni; ngawalalela amazwi akho owakhulume kimi.


Ibeke impilo yayo engcupheni ngesikhathi ibulala umFilisti, uSimakade wabalethela ukunqoba okukhulu bonke abakwa-Israyeli. Uzibonele nawe, wajabula, pho kungani-ke usufuna ukona umuntu ongenacala, ubulale uDavide ngaphandle kwesizathu na?”


Umphefumulo wami usesandleni sami njalo, nokho umthetho wakho angiwukhohlwa.


Bamnqobile ngegazi leWundlu nangezwi lobufakazi babo, ngokuba abathandanga ukuphila kwabo kwaze kwaba sekufeni.


abadela ukuphila kwabo ngenxa yokuphila kwami, akubongi mina kuphela kodwa namabandla onke abezizwe.


Bhekani, uNkulunkulu unathi, uyasihola, nabaphristi bakhe baphethe amacilongo empi ukuze bahlabe umkhosi ngenxa yenu. Bantu bakwa-Israyeli, ningalwi noSimakade uNkulunkulu wokhokho benu, ngokuba aniyukuphumelela.”


Akuyimi engonileyo kuwe, kodwa nguwe owenza okubi kimi ngokulwa nami. Sengathi uSimakade ongumehluleli anganquma namuhla phakathi kwabakwa-Israyeli nabakwa-Amoni.”


ngokuba ubaba wanilwela, wabeka impilo yakhe ebucayini, wanikhulula esandleni sabakwaMidiyani,


UJeftha wathi kubo: “Mina nabantu bakithi sasilwa nabakwa-Amoni ababesicindezele kakhulu, kodwa lapho nginibiza anizange ningikhulule esandleni sabo.


UJeftha wayeseqoqa wonke amadoda akwaGileyadi, walwa nabakwa-Efrayimi; amadoda akwaGileyadi abehlula abakwa-Efrayimi, ngokuba bathi: “Ningabakhoselayo bakwa-Efrayimi nina bakwaGileyadi, niphume phakathi kwabakwa-Efrayimi nabakwaManase.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite