Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 12:1 - IsiZulu 2020

1 Amadoda akwa-Efrayimi abizwa ukuba ahlome, ase ewelela eZafoni, athi kuJeftha: “Uweleleni wayokulwa nabakwa-Amoni, wangasibiza thina ukuba sihambe nawe, na? Sizoyithungela ngomlilo indlu yakho, iwele phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Amadoda akwa-Efrayimi abuthana, aya ngasenyakatho; athi kuJefta: “Uwelelani ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? Siyakushisa ngomlilo indlu yakho phezu kwakho.”

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Abantu bakwa-Efrayimi babuthana, bakhuphukela ngasenyakatho, bathi kuJefta: “Uweleleni ukulwa nabantwana bakwa-Amoni, ungasibizanga ukuba sihambe nawe, na? siyakushisa indlu yakho phezu kwakho ngomlilo.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 12:1
14 Referans Kwoze  

Abakwa-Efrayimi base bethi kuGideyoni: “Ukwenzeleni lokhu kithi, ukuba ungasibizi uma uyolwa nabakwaMidiyani, na?” Bamthethisa kakhulu.


ngokuba lapho kukhona umhawu nobugovu, kukhona inxushunxushu nezenzo zonke ezimbi.


UJesu wathi kubo: “Nginikhombisile imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yiwona muphi eningikhandela wona ngamatshe na?”


Ngosuku lwesikhombisa zathi kumkaSamsoni: “Mnxenxe umyeni wakho ukuba asichazele imfumbe, kungenjalo sizokushisa ngomlilo wena nendlu kayihlo. Ngabe usimemele lapha ukuba nizosiphundla sibe mpofu, akunjalo na?”


Ngase ngibona ukuthi wonke umshikashika, nalo lonke ikhono emsebenzini, kudalwa ngumona. Nalokho kuyize, kufana nokuthi uyoze ubambe utalagu.


Ngenxa yothando lwami bayangizonda, mina ngisemkhulekweni njalo.


AmaFilisti ayesebuza ethi: “Kwenziwe ngubani lokhu, na?” Baphendula bathi: “NguSamsoni, umkhwenyana womThimna, ngenxa yokuba umukhwe wakhe uthathe umkaSamsoni wamnika umngani kaSamsoni.” AmaFilisti enyuka, amshisa yena noyise.


yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.


UJeftha wathi kubo: “Mina nabantu bakithi sasilwa nabakwa-Amoni ababesicindezele kakhulu, kodwa lapho nginibiza anizange ningikhulule esandleni sabo.


Bekuthi uma u-Efrayimi ekhuluma, kube nokuthuthumela, wayephakanyisiwe kwa-Israyeli, kodwa waba necala ngokukhonza uBhali, wayesefa.


Uma umbuso wehlukene wodwa, awusoze wema.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite