Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:39 - IsiZulu 2020

39 Ekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise, owenza kuyo njengokwesifungo sakhe ayesenzile; yayingakaze ilale nandoda. Kwabe sekuvela isimiso kwa-Israyeli sokuba,

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

39 Kwathi ngasekupheleni kwezinyanga ezimbili, yabuyela kuyise owenza kuyo njengokwesithembiso sakhe asethembisileyo; ayiyazanga indoda.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

39 Kwathi ekupheleni kwezinyanga ezimbili yabuyela kuyise, owenza kuyo njengesithembiso sakhe asithembisayo; futhi wayengazi muntu. Futhi kwaba umkhuba kwa-Israyeli,

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:39
12 Referans Kwoze  

kuyothi noma yini eyophuma emnyango wendlu yami izongihlangabeza, lapho ngibuya ngokuthula kubantu bakwa-Amoni, kube ngokukaSimakade, nginikele ngakho kube ngumnikelo wokushiswa.”


Ohlaba inkunzi uyefana nobulale umuntu; ohlaba iwundlu, unjengophule intamo yenja; onikela ngomnikelo wokusanhlamvu, uyafana nonikele ngegazi lezingulube; oshisa impepho, uyafana nobonga isithombe; yebo, bonke laba bakhethe izindlela zabo, futhi nemiphefumulo yabo iyathokoza ngezinengiso zabo.


USamuweli wakhonza uSimakade kusukela esemncane. Wayegqoka ingubo yamahlombe eyenziwe ngelineni.


ngakho-ke nami ngimnikela kuSimakade ukuba ngazo zonke izinsuku zokuphila kwakhe abe ngokaSimakade.” Wakhothama kuSimakade elapho.


Eseyilumulile, wenyuka nayo, nezinkunzi ezintathu, i-efa lempuphu, nemvaba yewayini, wakuyisa endlini kaSimakade eShilo; umntwana wayesemncane.


Kodwa uHana akenyukanga, wathi kumyeni wakhe: “Angiyukwenyuka aze alunyulwe umntwana; khona ngizakumyisa ukuba abonakale phambi kukaSimakade, ahlale lapho njalo.”


Wenza isithembiso, wathi: “Simakade Wamabandla, impela uma ubheka, uyakubona ukuhlupheka kwencekukazi yakho. Ngikhumbule, ungayikhohlwa incekukazi yakho; yiphe incekukazi yakho umntwana womfana. Ngiyomnikela kuSimakade zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. Akuyukuthinta nsingo ekhanda lakhe.”


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Uyise wathi kuyo: “Hamba.” Wayihambisa izinyanga ezimbili; yahamba nabangani bayo, yalilela ubuntombi bayo ezintabeni.


yonke iminyaka, amadodakazi akwa-Israyeli ahambe ayolilela indodakazi kaJeftha wakwaGileyadi izinsuku ezine.


UJeremiya wamlilela uJosiya. Bonke abahlabeleli besilisa nabesifazane bayakhuluma ngoJosiya ekulileni kwabo kuze kube namuhla. Bakwenza kwaba yisimiso kwa-Israyeli; bheka, kulotshiwe ezililweni.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite