Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 11:16 - IsiZulu 2020

16 kodwa lapho benyuka bevela eGibhithe, abakwa-Israyeli badabula ihlane baya oLwandle Lomhlanga, baze bafika eKadeshi.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Ngokuba ekukhuphukeni kwabo eGibithe, u-Israyeli ehamba ehlane waze wafika eLwandle Olubomvu, wafika naseKadeshi,

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kodwa lapho u-Israyeli ekhuphuka ephuma eGibhithe, wadabula ihlane waze wafika eLwandle LwaseShelefu, wafika eKadeshi;

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 11:16
9 Referans Kwoze  

Nina-ke jikani, niye ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.’


Manje, ngenxa yokuba ama-Amaleki namaKhanani akhile esigodini, jikani kusasa, nilibangise ehlane ngendlela eya oLwandle Lomhlanga.”


Ngenyanga yokuqala, yonke inhlangano yabantu bakwa-Israyeli yafika ehlane iSini. Abantu bahlala eKadeshi, uMiriyamu wafela khona, wangcwatshwa khona futhi.


Bahamba, bafika kuMose no-Aroni nalo lonke ibandla labantu bakwa-Israyeli ehlane iPharanu, eKadeshi. Bethula umbiko ngababekubonile, babakhombisa nezithelo zalelo lizwe.


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bahamba iminyaka engama-40 ehlane, saze saphela isizwe namadoda empi ababephume eGibhithe, abangalalelanga izwi likaSimakade, afunga ngalo kubo ukuthi abasoze balibone izwe ayethembise ukulinika oyisemkhulu, izwe elichichima ubisi noju.


Nahlala eKadeshi izinsuku eziningi, nilokhu nihlezi khona.”


Base bebuyela emuva, bafika e-Eni Mishiphathi okuyiKadeshi, balinqoba lonke izwe lama-Amaleki, nama-Amori ayakhe eHazezoni Thamari.


Niyiletheleni kuleli hlane inhlangano kaSimakade ukuba sizofela kulo, thina nemfuyo yethu na?


wathi kuyo: “Yilokhu okushiwo nguJeftha, uthi abakwa-Israyeli abazange balithathe izwe lakwaMowabi nelabakwa-Amoni,


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite