Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 10:17 - IsiZulu 2020

17 Kwase kubizwa abakwa-Amoni ukuba bahlome, bakanise kwaGileyadi; abakwa-Israyeli bahlangana, bakanisa eMizpha.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 Kwabuthwa abantwana bakwa-Amoni, bamisa kwaGileyadi. Kepha abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Abantwana bakwa-Amoni babuthana, bamisa kwaGileyadi. Abantwana bakwa-Israyeli babuthana, bamisa eMispa.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 10:17
9 Referans Kwoze  

UMoya kaSimakade wehlela phezu kukaJeftha, wadabula kwaGileyadi nakwaManase. Wedlulela eMizpha kwaGileyadi, wasuka eMizpha kwaGileyadi waya kubantu bakwa-Amoni.


UJeftha wahamba namalunga akwaGileyadi, abantu bamenza inhloko yabo, nomkhuzi wempi yabo, uJeftha wawakhuluma wonke lawo mazwi akhe phambi kukaSimakade, eMizpha.


ULabani wayibiza futhi ngokuthi yiMizpha, ngokuba wathi: “USimakade makalinde phakathi kwami nawe, lapho omunye engekho phambi komunye.


Abakhuzi bempi yakwaGileyadi bathi omunye komunye: “Ngubani ozoqala impi nabakwa-Amoni, na? Uyokuba yinhloko phezu kwazo zonke izakhamuzi zakwaGileyadi.”


Emveni kwesikhathi, abakwa-Amoni balwa nabakwa-Israyeli.


UJeftha wabuyela ekhaya eMizpha; mamo, nakho-ke sekuphuma indodakazi yakhe imhlangabeza, iza nezigubhu isina; kwakuyiyona yodwa ingane ayenayo; wayengenandodana nandodakazi ngaphandle kwayo.


USamuweli wathi: “Buthelani wonke u-Israyeli eMizpha, ukuze nginikhulekele kuSimakade.”


kubuye kusuke eHeshibhoni kuye eRamathi Mizpha neBhethonimi, kusuke eMahanayimi kuya esifundeni saseDebhiri,


Athi kuJeftha: “Buya uzoba ngumkhuzi wempi yethu, ukuze silwe nabakwa-Amoni.”


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite