Biblia Todo Logo
Bib sou entènèt

- Piblisite -




AbAhluleli 1:28 - IsiZulu 2020

28 Kuthe u-Israyeli esenamandla, wawaphoqa amaKhanani ukuba amsebenzele, kodwa akawaxoshanga aphume aphele phakathi kwakhe.

Gade chapit la Kopi

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

28 Kwathi u-Israyeli esenamandla, bawasebenzisa amaKhanani, kepha abawaxoshanga nokuwaxosha.

Gade chapit la Kopi

Contemporary Zulu Bible 2024

28 Kwathi lapho u-Israyeli esenamandla, wakhokhisa amaKhanani, awazange awaxoshe ngokuphelele.

Gade chapit la Kopi




AbAhluleli 1:28
9 Referans Kwoze  

UManase akazixoshanga izakhamuzi zaseBhethi Sheyani nemizana yalo, ezaseThahanakhi nemizana yalo, ezaseDori nemizana yalo, ezase-Ibheleyami nemizana yalo, nezaseMegido nemizana yalo, kodwa amaKhanani aqhubeka ahlala kulelo lizwe.


No-Efrayimi akawaxoshanga amaKhanani ayehlala eGezeri, kodwa amaKhanani ahlala phakathi kwabo eGezeri.


nabantwana babo, ababesele ezweni, abakwa-Israyeli abangakwazanga ukubaqeda nya, uSolomoni wabenza izisebenzi eziyizigqila kuze kube yinamuhla.


Isandla sabakhuthele siyobusa, kodwa amavila ayophoqwa ukusebenza.


wayesethi: “Uqalekisiwe uKhanani! Uyoba yisigqila sezigqila kubafowabo.”


Wabuye wathi futhi: “Makabongwe uSimakade uNkulunkulu kaShemu, uKhanani makabe yisigqila sikaShemu.


Kuthi uma impendulo kungeyezwi lokuthula, ukwemukela, abantu bonke abayotholakala kuwo bayoba yizisebenzi zakho ngempoqo, bakukhonze.


Kodwa lapho u-Israyeli esenamandla wawenza izigqila amaKhanani, akaze awaxosha ngokupheleleyo ezweni.


Abantu bakwa-Israyeli babecindezelekile ngalolo lusuku, ngokuba uSawule wayebafungisile abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu oyodla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akukho muntu owadla ukudla.


Swiv nou:

Piblisite


Piblisite